Usuthu lufuna ukuqinisa ngoke wagijima kwiChiefs
AmaZulu FC asezinhlelweni zokulanda umdlali oke wagijima kwiKaizer Chiefs ukuze aqinise iqembu ngesizini ezayo.
Sekuvele imibiko ematanisa leli qembu laseThekwini nomgadli, uSamir Nurkovic ogijima kwiTS Galaxy njengamanje.
UNurkovic wahlala iminyaka emibili kwiKaizer Chiefs kanti ngesizini yakhe yokuqala wayegila izimanga, wayiqeda enamagoli angu-13.
Nokho kuthe uma kuphela inkontileka yakhe, iChiefs yamshaya ngesithende kungazelele muntu.
Ube esesayina kwiRoyal AM ngemuva kwalokho, kodwa izinto azangamhambela kahle njengoba aze wagcina exoshwa.
Wazwakalisa ukungeneliseki ngalokho, wafaka icala kwiFifa kanti kumanje iRoyal AM imisiwe ukusayina abadlali kuze kube ikhokhela lo mdlali imali ebalelwa ku-R12-million.
Ukusuka kwakhe kwiRoyal AM ugcine esayina kwiTS Galaxy la adlala kahle khona futhi usenamagoli ayisishiyagalolunye kumanje kuyo yonke imiqhudelwano.
OLUNYE UDABA: USaleng ‘usazinikele’ kwiPirates yize enyiwa yisikimu
Ngokubika kwe-Ezemidlalo2002, Usuthu lusezinhlelweni zokuyolanda lo mdlali empumalanga, lumbuyisele KwaZulu-Natal.