EzintshaNedbank Cup

USaleng ‘usazinikele’ kwiPirates yize enyiwa yisikimu

Ukunyiwa yisikimu kukaMonnapule Saleng ngenye yezinto ezingakholakali ebholeni lakuleli njengoba i-Orlando Pirates beyidla ngaye lo mdlali ngesizini edlule.

Kule sizini uSaleng usadlale imidlalo engu-16. Ngesizini edlule udlale eminingi futhi uze waqokwa waba nguMdlali oVelele oqokwe ngabanye abadlali kwiDStv Premiership.

Ukukhuhla kwakhe ibhentshi kule sizini kuke kwabikwa ukuthi akumphethe kahle futhi usenawo nomqondo wokuthi ashiye kwiBucs. 

Nokho umbiko weSNL24 kuleli viki uveza okuhlukile njengoba kuthiwa lo mdlali usazinikela futhi akalilahlile ithemba.

“Ngokwazi kwami, ayikho into efana naleyo,” kucashunwe umthombo usho kanje ngokuziphatha kukaSaleng.

“Ungumuntu ozithobile futhi akaluvumelanga udumo lumngene ekhanda, uhlezi ekhumbula lapho ephuma khona. 

“Ungumfana ozithobile futhi yingakho eyisiboneli esihle kwabasakhula abanesifiso sokudlala ibhola ngakubo eBloemhof naseNorth West yonkana. 

“Njengabo bonke abadlali, kuzoba khona ukungenami uma engadlali futhi lokho yinto ejwayelekile ebholeni.

“Kodwa akusho ukuthi usezocela ukukhululwa eqenjini ngenxa yalokho,” kuqhuba lo mthombo.

“Uyazi usukaphi neqembu futhi vele akukaze kube lula kuye. Ngaphezu kwalokho, unenkontileka neqembu ngakho ngeke avele afune ukushiya nje esikhaleni.” 

Kungenzeka ke uSaleng abonakale emdlalweni olandelayo wePirates ukuze athole ukudlala ukulungiselela owamanqamu weNedbank Cup.

IPirates izovala isizini kwiDStv Premiership neSuperSport United e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

Iyobe seyiyodlala owamanqamu ngomhla ka-1 kuNhlangulana neMamelodi Sundowns eMbombela Stadium.

USaleng ngomunye wabadlali umqeqeshi weBucs, uJose Riveiro okubukeka emethemba uma kudlalwa imidlalo yezindebe.