DStv PremiershipEzintsha

UKannemeyer uxwayisa iChiefs ngoMiddendorp ‘ozofesa ngayo’ 

Owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana, uDavid Kannemeyer usexwayise leli qembu ngobungozi bomqeqeshi weCape Town Spurs u-Ernst Middendorp. 

IChiefs izobhekana neSpurs emdlalweni wokugcina weDStv Premiership kule sizini ngoMgqibelo ntambama eKapa. 

I-Urban Warriors isivele igwinywe yizembe futhi izobe idlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.

Yikho kanye lokhu okuyenza ibe yingozi ngokubona kukaDavid Kannemeyer othi abadlali, nomqeqeshi bazobe befuna ukuzibonakalisa kwamanye amaqembu.

“UMiddendorp uzofuna umsebenzi kwamanye amaqembu ngokuphanga amaphuzu amathathu kwiKaizer Chiefs,” kusho uKannemeyer owadalala nakwiMamelodi Sundowns.

“Nabadlali beCape Town Spurs ngokunjalo, bazodlalela ukuzikhangisa emaqenjini eDStv Premiership. 

“Ngiyazi kubona kukhona abangathandi ukuyodlala kwiChampionship ngesizini ezayo,” kwengeza uDavid Kannemeyer. 

KuCavin Johnson, obambe izintambo zokuqeqesha kwiChiefs, lona kuzobe kungumdlalo wakhe wokugcina.

Akungabazeki ke ukuthi engafisa ukuvala ngegiya eliphezulu ngokutapa amaphuzu agcwele, ikakhulukazi eqenjini eselivele lifana nengcuba.

“Kuzomele uCavin Johnson azibambe ziqine ngempela ngoba uzobhekana neqembu eliyingozi enkulu,” kusho uKannemeyer.

“Phela lona lizodlala umdlalo wokuvalelisa kwiDStv Premiership. 

“Abadlali beCape Town Spurs bakuyaqonda ukuthi abawasawadingi lamaphuzu ngoba awasazobasebenzela ndawo. 

“Kodwa bangayikhipha ngaphandle kweTop 8 iKaizer Chiefs uma ngabe bezoyithola ihuqa ubuthongo njengenjwayelo,” kuphetha uKannemeyer. 

IChiefs ifana nomuntu ohamba nokufa okuthile, elokhu eqinisele kanti kufanele ukuthi seyikubheke ngabomvu ukuphela kwesizini iphumule. 

Kumanje ilwela ukungena kwiTop 8 okuphoqa ukuthi lo mdlalo wayo neSpurs iwunqobe kumnyama kubomvu. 

Uma yehlulekile, kungenzeka isale ngaphandle emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi ikakhulukazi uma elilodwa kwiPolokwane City, Golden Arrows, naMaZulu FC linqoba kowalo umdlalo.