UBarker akathandi u-Adams aye kwiDowns, uveza isizathu
Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker uzwakale engekho nkamunkamu ngokuthi umdlali wakhe, uJayden Adams aye kwiMamelodi Sundowns.
U-Adams ngokunye wabadlali ababe nesizini enhle futhi ababhekiwe emiklomelweni yePremier Soccer League ekupheleni kwesizini.
Ukudlala kahle kwakhe sekuvele kuhehe amehlo eSundowns okuvela ukuthi seyake yaqhamuka kwiStellies izozwa amanzi ngobhoko.
Kodwa ngokukaBarker, lo mdlali ubengalinga kuvele ithuba lokuya phesheya kunokuthi aye kuMasandawana.
“Uma iSundowns imfuna, kuzofanele ingene ishone ephaketheni,” usho kanje kwabezindaba ngempelasonto.
“Okwesibili ukuthi uJayden unesifiso sokuyodlala e-Europe. Ngicabanga ukuthi usemnyakeni la ukuya e-Europe kungamsebenzela kangcono.
“Mina ngingamluleka ukuthi abheke khona kunokubheka khona lapha ekhaya.”
Into eyenza uBarker athimule ngendaba yeSundowns wukuthi uyazi ngeke kube lula ukungena eqenjini eliqala imidlalo.
Usola ukuthi uzogcina elokhu elithola amacozucozu ijezi eqenjini likaRulani Mokwena eligcwele ukhilimu wabadlali.
“Awufisi ukuthi aye kwiSundowns bese egcina edlala imidlalo mhlawumbe engu-13 noma 14 yeligi kuphela ngesizini,” kusho uBarker.
OLUNYE UDABA: Kushode ozogadla kwabeDowns nabeGalaxy
Uma engagcina eya kwiSundowns, u-Adams engazithola ebanga ijezi noTeboho Mokoena, Marcelo Allende, Siphelele Mkhulise noBathusi Aubass, phakathi kwabanye.