DStv PremiershipEzintsha

Kushode ozogadla kwabeDowns nabeGalaxy

Kube umdlalo onazo zonke izinongo zomdlalo wamagqubu ngesikhathi iTS Galaxy ibambana neMamelodi Sundowns ngo 1-1 ngoLwesibili ebusuku. 

Kusukela abadlali besaphuma ezindlini zokushintshela, bekusobala ukuthi kunegqubu elikhulu kulo mdlalo. 

Nasenkundleni unyawo beluqinile futhi nokuthi umdlalo uphele lingekho ikhadi elibomvu kube yinhlanhla nje. 

Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena kudingeke abakhiphe ngesikhathi sekhefu oSipho Mbule noMarcelo Allende njengoba bese bevele nenamakhadi aphuzi.

Futhi ngendlela umdlalo obuhamba ngayo, bekucaca ukuthi lizophuma ikhadi elibomvu koyedwa wabo. 

Nokho esiwombeni sesibili imimoya bese yehlile kancane nxazombili.

Kuke kwangathi iGalaxy izosenza isimanga, ibe yiqembu lokuqala ukushaya iDowns. 

Ithole igoli ngomzuzu ka-78.

Libe wumnyakazo omuhle weGalaxy, ibhola lagcina liphambi kukaDithejane ephambi kwepali, walinamathisela enethini.

Kodwa kuthe sekubhekwe lesi simanga, waqhamuka uPeter Shalulile wayiphula kulo mlilo iSundowns sekusele imizuzu emihlanu umdlalo usongwe. 

Ekupheleni komdlalo iqhubekile impi njengoba abaqeqeshi bebezibana.

Kodwa osebenza kwiSundowns ubonakale esesondele kuSead Ramovic futhi kubonakala ukuthi uyamthuka. 

Lokhu kuziphatha yikho okuthiwa kubaqhatha nabaphathi abakubona kuwukuhlaza iqembu. 

Kumanje ikusasa likaMokwena lilengela eweni ngenxa yakho ukuhluleka ukuziphatha njengoba sike sabika.

Uye emdlalweni esezwile nokuthi iGalaxy seyimfake enkantolo ngokuyihlambalaza ngesikhathi ekhuluma ngemuva komdlalo odlule walamaqembu.