ISuperSport icathamela umdlali weSwallows
Kuvela ukuthi uGabadinho Mhango ungomunye wabagadli ababhekwe ngabomvu yiSuperSport United efuna ukuhlanganisa iqembu eliqinile elingase liphonsele iMamelodi Sundowns inselelo ngesizini ezayo.
Inkontileka kaMhango neMoroka Swallows isenonyaka ogcwele ongakathintwa njengoba izophela ngoNhlangulana wonyaka ozayo.
Kodwa lo mgadli waseMalawi kuthiwa ufuna ukulishiya leli qembu elibhekane nezinkinga zezimali kule sizini.
Ngokubika kwePhakaaathi, uMhango uzimisele ngokujoyina aMatsatsantsa a Pitori kanti nomqeqeshi uGavin Hunt uyafuna ukuphinde asebenze nalo mgadli.
“UMhango useyitshelile iSwallows ukuthi ufuna ukuhamba,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Isigaba esithile senkontileka yakhe neSwallows kuthiwa sithi uzovunyelwa ukuthi ahambe ekupheleni kwesizini uma kukhona iqembu elimfunayo.
“Manje njengoba iSuperSport isiqhamukile, usefuna ukuya kuyo ayophinde ahlangane no(Gavin) Hunt,” kusho umthombo.
UMhango noHunt basebenze ndawonye kwiBidvest Wits ngaphambi kokuthi ajoyine i-Orlando Pirates.
Ungomunye wabagadli abanamava nethalente elingangabazeki ebholeni lakuleli.
OLUNYE UDABA: Ezishaqisayo ngekusasa likaRulani Mokwena kwiDowns
Nokho uke waneziqubu zokungaziphathi ngendlela ezenza wadedelwa kwiPirates nakuMaZulu FC.