Ezintsha

Ezishaqisayo ngekusasa likaRulani Mokwena kwiDowns

Kubikwa ukuthi abaphathi beMamelodi Sundowns basazohlala phansi bacubungule kahle ikusasa lomqeqeshi uRulani Mokwena.

UMokwena uhole aMasandawana aqopha irekhodi enqoba iDStv Premiership ihlandla lesikhombisa kulandelana. 

Ngaphezu kwalokho, ezikaRulani Mokwena seziiqophe irekhodi lamaphuzu kwisizi eyodwa kwiligi yakuleli njengoba seziqophe angu-72 kusasele imidlalo emibili.

ISundowns iphinde yanqoba i-African Football League yokuqala kanti isethubeni lendebe yesithathi ngeNedbank Cup. 

Kukho konke lokho ungacabanga ukuthi kwanele ukugcina abaphathi bekilabhu bejabule… Kodwa lutho kwabeSundowns. 

Ngokubika kweSoccer Laduuma, uMokwena ubhekene nengwadla ngekusasa lakhe kwiSundowns

“Imithombo yeSiya isiveze ukuthi ikusasa likaMokwena alicaci futhi abaphathi beqembu bazimisele ngokuhlolisisa isimo ekupheleni kwesizini ka-2023/24,” ufundeka kanje umbiko weSoccer Laduma.

“Sinolwazi lokuthi phakathi kwezinto ezikhathaza abaphathi yindlela yokudlala esethsenziswa yiSundowns. 

“Indlela edlala ngayo ayiligculisile ibhodi elengamele leqembu kanti nezingxabano zakamuva zalo mqeqeshi oneminyaka engu-37 azibathokozisi.” 

UMokwena usanda kuchaphana ngamazwi amabi nomqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic. 

Phambilini uke wangazwana nomqeqeshi weBafana Bafana owagcina eveza ukuthi uMokwena uziboona engunkulunkulu webhola lakuleli.

URulani Mokwena uke wakhala nakwabezindaba ngokuthi ubona sengathi umsebenzi wakhe awujatshulelwa ngendlela efanele ngoba kuhlezi kubhekwa izici.

Yize lokhu engashongo ukuthi ukubhekise kubani, kodwa kwacaca ukuthi umunwe ukhomba ekomkhulu leqembu eChloorkop.

Sekuke kwavela ke nokuthi isibalo sabalandeli asikhuli yize abaphathi benza konke okusemandleni ukusikhulisa.

Okuvelayo wukuthi abalandeli abagculisekile ngendlela iqembu elidlala ngayo ngoba bathi ‘lidlalela ukunqoba, hhayi ukubajabulisa’.