Ezintsha

USangweni ‘weqa’ kwiChiefs, ebalekiswa umholo ka-R200

USiyabonga “Nsimbi” Sangweni, usekhulume okokuqala ngokuthi washiya kanjani enkulisa yeKaizer Chiefs esengumfanyana oneminyaka engu-18.

Lesi sitobha sagcina sibe yisiqongqwane kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana kanti manje sesingene kwezokuqeqesha. 

USiya Sangweni ulandise abezindaba ngesikhathi kwethulwa inkundla eyakhelwe ukuhlonipha yena ngakubo eDondotha, eMpangeni. 

Uthi njengoba ayesazi isimo sakubo ukuthi sinjani, wayebona sekuseduze afeze iphuphoo ngesikhathi ekwinkulisa yeKaizer Chiefs.

Wayekule nkulisa yeKaizer Chiefs ngesikhathi esifanayo noJabu “Pule” Mahlangu noNhlanhla Kubheka abagcina benyuselwe eqenjini elikhulu.

Kodwa yena wawubona umncane kakhulu uR200 wesibonelelo ayewuhola kuleli qembu laseNaturena.

Wabe eseqa ebusuku, wabuyela ngakubo Empangeni la afike wajoyina iqembu elalidlala kwi-ABC Motsepe League (kuseyiVodacom League ngaleso sikhathi).

KwiBongani FC, uSiya Sangweni wafike wahola uR1 200, owamenza wakwazi nokupheshaphesha ekhaya.

“Iqembu engangilidlalela langiland enkulisa yeChoefs,” kusho uSangweni ngempelasonto. 

“Ngo-1999, ngangikwinkulisa yeKaizer Chiefs kodwa ngabaleka, uBobby (Motaung) uyayazi leyo ndaba. 

“SasinoJabu Pule noNhlanhla Kubheka, sasiseqenjini okwakuzokhushulwa kulo abathile baye eqenjini elikhulu.

“Kodwa lento yokuthi sasinikwa oR200 bokuthenga insipho yokugeza ekubeni ngasekhaya kuneqembu elalingangiholela u-R1 500… 

“Ngangingakwazi ukupha umama okuthile kulokho. Ngabatshela (abeBongani FC) ukuthi bafike ebusuku bezongilanda.

“Nebala bafika bangintshontsha. KwiChiefs bavuka bathola ukuthi angisekho.

“Bagcina sebengibova sengivumbuka kwi-Arrows kungasekho abangakwenza,” kuchaza le nkakha.

Uphinde wakhuluma nangokuthi waphinde wayishwebisa kanjani iChiefs esesayinile ngo-2010, kodwa wagcina esedlala komakhelwane bayo iPirates.