DStv PremiershipEzintsha

UKhune nesethembiso kubalandeli beChiefs ngesizini ezayo

Yize kungacaci ukuthi kwenzakalani ngekusasa lakhe kwiKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune usethembise abalandeli baleli qembu okungcono ngesizini ezayo.

IChiefs ihloniphe uKhune, imbonga ngeminyaka engu-25 ekuleli qembu ngempelasonto.

Ungene sekusele imizuzu engu-15 umdlalo uphele bebambana nePolokwane City ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo. 

Yize lo mphumela ungamenelisanga uKhune, kodwa uchazekile ngendlela abalandeli beKaizer Chiefs abebekhombisa ukujabula ngayo ngemuva komdlalo.

“Engingakusho wukuthi alilutho ngaphandle kwabalandeli baMakhosi,” kusho uKhune ngemuva komdlalo. 

“Njalo uma beza enkundleni bezoseseka, basifaka umfutho wokuthi silwele umphumela abawufisayo. 

“Asijabuli uma siphuma enkundleni nomphumela ongemuhle, siswela indawo yokucasha.

“Buka kumanje thina asineme kodwa babheke bona bajabule kanjani. Sidlale ngokulingana. Akwamukelekile lokho ngokwezinga leKaizer Chiefs. 

“Kumele ngabe sinqoba kuyo yonke imidlalo, ikakhulukazi uma sidlalela ekhaya.

“Ngiyazi umehluko mncane emidlalweni esiyidlala ekhaya neyasekuhambeni ngoba yonke imidlalo yeKaizer Chiefs ifana neyasekhaya ngoba laba bantu bayaseseka yone indawo lapho siya khona. 

“Ngakho sidinga ukubakhombisa ukubaluleka kwabo ngokubatholela imiphumela abayifisayo. Kumele sinqobe imidlalo yethu, laba bantu bafanelwe okungcono.”

UKhune kumanje kunokuqagela okuningi ngekusasa lakhe njengoba iqembu lakubeka kwacaca ukuthi lena yisizini yakhe yokugcina edlala.

Kodwa njengoba eseneminyaka engu-36 kuphela kusangenzeka ayodlala kwelinye iqembu uma iChiefs ingayivuseleli inkontileka yakhe.  

Noma kunjalo, yena uthembisa abalandeli ukuthi nakanjani ngesizini ezayo bazokwenza kangcono.

“Ngicabanga ukuthi ukulungiselela isizini ezayo kumele sibuyele emuva, sibheke la singalungisa khona ukuze senze labantu (abalandeli) bajabule. 

“Bahlezi bekujabulele ukusibona, bayakuthakasela ukuseseka kodwa nathi kumele sibabuyisele okuthile ngalookho…

“Siyazi ukuthi ukunqoba kwethu kubaluleke kanjani futhi kubajabulisa kanjani, kubenze bamomotheke njalo.”