DStv PremiershipEzintsha

U-Efstathiou uxosha amaqembu anyonyobela abadlali bakhe

U-Ari Efstathiou, ongusihlalo weCape Town Spurs egawulwe yizembe kwiDstv Premiership, uthi ngeke abadayise abadlali bakhe abasebancane.

Kunabadlali beSpurs abebe amehlo amanye amaqembu futhi kulindeleke ukuthi afike ku-Efstathiou esefongqe izigqoko ezocela ukudayiselwa bona. 

Nokho lo sihlalo ushaya phansi ngonyawo, uthi noma bengafika abafikayo, bayobuyela emuva benyobozela.

Kubadlali abenze kahle kwiSpurs nabahehe amehlo ezinhloli zamanye amaqembu kukhona u-Asanele Velebayi, Chumani Butsaka noLiam Bern. 

“Ngizohamba nabo ngiyolwa ngabo kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo ngoba ngifuna ukubuyela kwiDStv Premiership. 

“Laba badlali basebancane futhi banekusasa elihle kakhulu ebholeni ngakho ngizobagcina bonke kwiCape Town Spurs.”

Omunye wabadlali abenze kahle kwi-Urban Warriors nguBoitumelo Radiopane obebolekwe kwi-Orlando Pirates. 

Ngokuka-Efstathiou, bengafisa ukuphinde babe naye nangesizini ezayo ngoba bakholwa wukuthi engasiza kule mpi abaya kuyo.  

“UBoitumelo Radiopane ungumdlali we-Orlando Pirates, thina besimbolekile… 

“Yena sizoqhubeka naye uma ngabe i-Orlando Pirates isivumela ukuthi simboleke futhi, adlale kithina.” 

Akawuvali ke umlomo ngomdlali osemncane uLuke Baartman oshayele leli qembu amagoli amqoka kule sizini. 

Lesi sikhulu sithe asifuni ngisho ukulalela iqembu elizofika lizozama ukuthengiselwa lo mdlali.