EzintshaMotsepe Foundation Championship

OweMilford uvuma ukushisa kwensimbi, uthi bafunde lukhulu

UMlibo Pupuma, oyisikhulu esiphezulu kwi-Milford FC useveze ukuthi isizini yabo yokuqala kwiMotsepe Foundation Championship ihambe ngendlela abebehlele ngayo.

Leli qembu lisinde ezembeni sekukubi kanti necala ebelifakwe lona, ebelizolibuyisela emlilweni wezembe, libathethile. 

Ekhuluma neLisenethini, uMlibo uthi kuhambe njengoba kade befisa ngokwezinhlelo zabo.

“Inhloso bekuwuzinzisa iqembu nokufunda njengoba besiqala ukungena kulesi sigaba nje. Akukho lutho ebesilwazi ngalesi sigaba… 

“Ubunzima bona sibuzwile futhi kakhulu njengoba namaqembu ebesilwa nawo alikho ebelizibeke phansi,” kuchaza lesi sikhulu.

Uvume neyokuthi i-Milford ike yaba nesimo la beyishodelwa khona yizinsiza ngenxa yokungabi namali yokugcina ezinye izidingo zeqembu.

“Maphakathi nesizini khona lapho sike sabhekana nesimo sezimali esingesihle, kodwa sidlulile nalulokho.

“Siphinde samangalelwa yi-Upington ngecala lokungadlalisi abadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23. 

“Kodwa ngenhlanhla sikwazile ukulinqoba njengoba umshushisi wePSL uZola Majavu elichithile lelo cala.” 

Njengoba konke sekudlulile manje, imiqondo yabaphathi beMilford seyisekuqinisekiseni ukuthi isizini ezayo iba ngcono kakhulu. 

“Manje sesiphezu kwamalungiselelo esizini ezayo ngoba sibonile lapho singenzanga khona kahle, nalapho senze kahle khona. 

“Sizoqala ukubheka emakethe abadlali esizoqinisa ngabo iqembu. 

“Ngingasho nje ukuthi ngesizini ezayo sizolwela ukungena kwiDStv Premiership,” kuphetha uMlibo.

Yize ingabanga nesizini enhle, i-Milford izakhele igama kule sizini ngesikhathi iwashisa izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ijezi kwiNedbank Cup.

Nokho ayizange ikwazi ukuziphinda lezo zimanga kwiStellenbosch FC eyayibhabhadisa ngo 6-1 emzuliswaneni olandelayo.