Ezintsha

Kuvela okungenza uPercy Tau aye endiza kwiChiefs

Isihlabani seBafana Bafana ne-Al Ahly uPercy Tau kuthiwa engavuma ngaphandle kwamathandabuzo uma iKaizer Chiefs ingathi akeze – kodwa lokho kuncike kokuthile.

Kuvela ukuthi uPercy Tau – ophelelwa yinkontileka kwi-Al Ahly ngoNhlangulana – akawuxwayi umbono wokubuyela kuleli azodlala kwiChiefs.

Kodwa ngokubika kwePhakaaathi lokhu kungenzeka kalula uma iChiefs ingagcina ilande uPitso Mosimane ukuzocija leli qembu. 

Bobabili uMosimane noPercy Tau bangabanye babantu okubhekwe ukuthi bangase babe seNaturena ngesizini ezayo. 

UMosimane, ukwi-Abha Club kwiSaudi Pro League njengamanje, kanti kukholakala ukuthi nguyena oyintandokazi ukuthola umsebenzi wokuba ngumqeqeshi kwiChiefs.

Amakhosi awanaye umqeqeshi ngokugcwele kusukela ngo-Okthoba nyakenye ngesikhathi leli qembu lihlukana noMolefi Ntseki kulandela ukuqala kabi isizini ka-2023/24 yeDStv Premiership.

Manje imibiko ephuma e-Egypt ithi uTau angase acabange ukubuyela eNingizimu Afrika ajoyine iChiefs, inqobo nje uma kuzobe kukhala isiginci sikaMosimane. 

Ikusasa likaTau kuke kwaba nokuqagela kulezi zinyanga ezedlule njengoba inkontileka yalesi sihlabani seBafana Bafana ne-Al-Ahly izophela ngoNhlangulana.

I-Al-Ahly kuthiwa isibekile etafuleni okwayo kanti kuthiwa uma ekuvuma uzoba ngomunye wabadlali abahola kakhulu ezwenikazi. 

Kodwa kunamahlebezi okuthi lo mdlali owake wagijima kwiMamelodi Sundowns nongumqeqeshi uMarcelo Koller ababoni ngaso linye.

Kuzobonakala-ke ukuthi uTau uzoqhubeka yini nezinkunzi zase-Egypt noma uzobuyela eNingizimu Afrika ajoyine iChiefs noma elinye iqembu kuleli.

Ukuthi uzogcina ephelelephi uTau ngenye yezinto ezibhekwe kakhulu ebholeni lakuleli njengoba kuyiwa ekhefini lokuphela kwesizini.