DStv PremiershipEzintsha

UVincent Pule ukhale ‘ngomdlandla’ iPirates ibhacaza

Umgadli we-Orlando Pirates, uVincent Pule, uvumile ukuthi iqembu lakhe belingenawo umdlandla ngemuva kokulahla ithuba lokunyukela endaweni yesibili kwiDStv Premiership.

IPirates ihlulwe yiTS Galaxy ngo 1-0 eMbombela Stadium ngoMgqibelo kanti ukube beyinqobile beyizohlala endaweni yeCaf Champions League.

Lokhu kungoba neStellenbosch FC ababanga nayo le ndawo ithole induku kwiMamelodi Sundowns ngosuku olufanayo.

AmaBhakabhaka manje sekufanele athole umphumela ongcono emdlalweni wawo wokugcina weligi wesizini ezowudlala neSuperSport ngoMgqibelo.

Ngaphezu kwalokho, kuyomele aminyele ukuthi iStellenbosch iphinde ithole induku noma idlale ngokulingana neRichards Bay.

Uma kungenzekanga kanjalo, iPirates izophuthelwa ukuyodlala emqhudelwaneni wamakilabhu ohlonishwa kakhulu ezwenikazi ngesizini ezayo.

Igoli likaSphiwe Mahlangu ngomzuzu ka-69 yilo elimoshele iPirates izinto ngoMgqibelo. Lifake iGalaxy kwiMTN8 okokuqala emlandweni wayo.

UVincent Pule, ongene esiwombeni sesibili sebezama ukubuyela emdlalweni, ukhale ngokuqala ngonyawo lonwabu kulo mdlalo.

“Bekuwumdlalo osindayo, ngicabanga ukuthi umdlandla wethu esiwombeni sokuqala besuphansi kakhulu…

“Nasesiwombeni sesibili akubanga noshintsho olutheni,” kuchaza lo mdlali olinxele olithola amacozucozu ijezi kule sizini. 

“Ngicabanga ukuthi sizamile ngasekupheleni komdlalo ukuthola igoli, kodwa akwangenzeka. 

“Kumele siqhubeke nokuzethemba, kusekuningi okumele sikulwele (emdlalweni wokugcina). 

“Konke sekocaca ngomdlalo wokugcina – okufanele siwunqobe noma kunjani. Ukudlalela ekhaya kuzosisiza kakhulu.” 

Umqeqeshi weGalaxy, uSead Ramovic, yena income ezakhe ngalo mphumela omkhulu abawuthole kwelinye lamaqembu amakhulu.

Akungabazeki ukuthi lo mphumela uzobanyusela ukuzethemba ukuthi bengakuphinda lokho nasemdlalweni olandelayo.

IGalaxy izobhekana neMamelodi Sundowns ekhaya eMbombela Stadium ngoLwesibili ebusuku, bese ivala isizini ekuhambe kwiPolokwane City ngoMgqibelo.