DStv PremiershipEzintsha

OweChiefs usola imali yeqolo ngokugqoza kwabalandeli

UCavin Johnson, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, ukholwa wukuthi imali yesibonelelo sabangasebenzi nemali yeqolo, ukhetho oluzayo nemigodi esemigwaqeni yikho okudale ukugqoza kwabalandeli eFNB Stadium ngoMgqibelo. 

IChiefs beyenze isimemezelo esikhulu phakathi neviki, yanxenxa abalandeli ukuthi baphume ngobuningi ukuza emdlalweni wayo nePolokwane City. 

Lo mdlalo weDStv Premiership bekungowokugcina ekhaya kwiChiefs kule sizini engazange ibe yinhle.

Kodwa obekubaluleke kakhulu wukuthi bekuzohlonishwa ngawo u-Itumeleng Khune oseqede iminyaka engu-25 ekuleli qembu laseNaturena. 

Kodwa abalandeli abazange bayingene eyokuyobuka lo mdlalo, okwenze uhlelo lokuhlonipha uKhune alwangaba luhle ngendlela obekucatshangwa ngayo. 

Ebuzwa ngokugqoza kwabalandeli kulo mdlalo, uJohnson uvele wayikhomba le kude inkinga, akangakubala ukubhacaza kweqembu. 

“Uma ubuka emuva, ubheka ebesilokhu sikwenza, namanje sisengelinye lamaqembu anabalandeli abaningi kwi-PSL. 

“Besilindele abaningi,” kusho uJohnson kwabezindaba ngemuva kwalo mdlalo ophele zibambene ngo 0-0. 

“Kodwa namuhla asizange sikwazi (ukuthola abalandeli abaningi)… ube sewubheka okwenzeka ezweni, kunokhetho oluzayo. 

“Abantu bagxile ekutheni kumele bayovota ukuze kwenyuke isibonelelo seSassa. 

“Yithi ngiyobheka, ngabe bazosishisa noma bazosilungisela imigwaqo? 

“Ngakho thina (iKaizer Chiefs) sibangisana nezinto eziningi, uma ngibeka nje ngezemidlalo.

“Ukube bekungekho lezo zinto, futhi abalandeli bethu bezwa ukuthi (uKhune) uzobe ehlonishwa, nginesiqiniseko bebezoba baningi abalandeli bethu.

“Kodwa bekumele babheke okubalulekile. Ngabe bazoyosiza ukuvala imigodi emigwaqeni noma bazobuka iKaizer Chiefs? 

“Bazothi, ‘ngidinga ukuyovala le migodi’ ngoba iyinkinga emiphakathini yethu.

“Kimi lokho kukhulu. (Abalandeli) Kumele bacabange ngazo zonke lezi zinto.

“Abalandeli babaluleke kakhulu kithi. Kodwa njengoba ngishilo, abazange bafike ngobuningi babo,” kwengeza lo mqeqeshi.