DStv PremiershipEzintsha

Kubhekwe isinqumo soSuthu ngekusasa lika-Ekstein

UPule Ekstein ngomunye wabadlali abaphakamise isandla, bakhombisa ukuzimisela kuMaZulu FC kwisizini ebingelula. 

Lo mdlali owazakhela igama kwiKaizer Chiefs ube nesizini enhle futhi ungesinye sezethenjwa zikaPablo “Cijimpi” Martin. 

Nokho kuvela ukuthi udlala kahle nje u-Ekstein ikusasa lakhe kuleli qembu laseThekwini alikakaziwa.

Phela inkontileka akuyo njengamanje iyaphela njengoba kusongwa isizini kanti ngokubika kweFARPost izohlalelwa phansi ngoJuni indaba yakhe.

“Isinqumo saMaZulu ngekusasa lika-Ekstein lizoncika ezintweni eziningi,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Yena usebenze kahle futhi abaphathi bachazekile ngaye ukuthi engathola enye inkontileka. 

“Wenza nomsebenzi omuhle ekukhuliseni abafana abasebancane eqenjini,” kwengeza lo mthombo.

Uphinde waveza ukuthi uma enikwa inkontileka entsha, kuzoba eyesikhathi esifishane. 

“Kunombono wokuth elulelwe kodwa kube okwesikhashana, okungenzeka kube wunyaka owodwa.

“Lokhu kuzomnika isikhathi sokusebenza ngesikhathi iqembu lizama ukubheka abanye abadlali abangangena isikhathi eside.”