DStv PremiershipEzintsha

URanga Chivaviro uveza isifiso sakhe esikhulu ngeChiefs

Umgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro, unethemba lokuthi uzoshaya amagoli emidlalweni emibili yokugcina yesizini, asize leli qembu lingene kwiMTN8 ngesizini ezayo.

URanga Chivaviro akakafiki ezingeni abebhekwe kulo kule sizini, usashaye amagoli amane kuphela emidlalweni engu-18 kwiDStv Premiership. 

Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala, osayinwe esuka kwiMarumo Gallants kule sizini, ushaye igoli elihle bebambana neTS Galaxy ngo 2-2 muva nje.

IChiefs ihlezi ngesinqe esisodwa endaweni yesishiyagalombili njengoba izobhekana nePolokwane City ngoMgqibelo eFNB Stadium.

Lona kuzobe kungumdlalo wayo wokugcina ekhaya kule sizini. 

IRise and Shine ingelinye lamaqembu abanga neChiefs ukuqeda kwiTop 8 – leli qembu laseLimpopo lisendaweni yesishiyagalolunye.

Into eyenza iChiefs ibe phambili kunePolokwane wukuthi yona inamagoli amaningi. 

“Kimina kucace bha, ngifisa sengathi ngabe sengishaye amagoli amaningi, kodwa kuhlezi kuyinto ethatha isikhathi,” kusho uChivaviro ngoLwesine kwabezindaba eNaturena. 

“Nginamagoli amane manje, futhi ngethemba ukuthi uma kuphela isizini ngizoba senginayisithupha noma ayisikhombisa bese ngakhela kulokho ukuya kwisizini ezayo.”

URanga Chivaviro ubeneqiniso ekuhlaziyeni isizini yeChiefs engabanga yinhle neze.

“Ngibona sengathi asenzanga kahle … asikwazanga ukufinyelela kulokho ebesikuhlosile. 

“Njengoba sekushiwo lokho, kusekhona okusazodlalelwa,” kwengeza lo mgadli oqatha. 

“Lona umdlalo wethu wokugcina wasekhaya futhi sifuna ukuqeda phezulu futhi sinqobe umdlalo, siqinisekise ukuthi indawo eyisishiyagalombili ivikelekile.”

Njengoba efisa ukufika emagolini okungenani ayisithupha kule sizini, uChivaviro kumele ashaye amagoli amabili kule midlalo emibili esele. 

Ngesizini edlule washaya amagoli angu-18 kuyo yonke umiqhudelwano okukhona kuyo neCaf Confederation Cup ayebukisa kakhulu kuyo.