UJomo Sono uphosela uJose Riveiro inselelo ngePirates
– Alfred Ngubane
UJomo Sono, ongusihlalo weJomo Cosmos, nowazakhela igama kwi-Orlando Pirates esengumdlali, uthi leli qembu lingakwazi ukuketula iMamelodi Sundowns.
Phela iSundowns isiyazenzela nje ebholeni lakuleli, ikakhulukazi esicocweni seDStv Premiership esisinqobe amahlandla ayisikhombisa kulandelana.
UMjomane, okuyigama lokuteketisa uJomo Sono uthi iPirates ingakuqeda lokhu kuzenzela kweSundowns ngesizini ezayo kodwa kuncike ekutheni uJose Riveiro ucabangani.
“Kodwa lokho kuncike ethimbeni labaqeqeshi (eliholwa nguJose Riveiro) ukuthi ngabe lizimisele yini ukugudluza iMamelodi Sundowns.
“Nokuthi ngokomqondo wabo abaqeqeshi banawo yini umqondo wokunqoba iligi bona uqobo lwabo,” kusho uSono.
“I-Orlando Pirates yilona iqembu elingaqeda ukuchanasa kweMamelodi Sundowns esiphenduke yaba yiBayern Munich yakuleli ngoba linabadlali abasezingeni elifanayo nabeMamelodi Sundowns.
“Kodwa uma ngabe ngimbona lo mqeqeshi, uJose Reveiro ungumqeqeshi wezindebe kuphela,” kwengeza uBra J.
I-Orlando Pirates izodlala umdlalo wayo wesibili wamanqamu njengoba seyivele ingompetha beMTN8.
EziMnyama ziyivikele kwiSundowns iMTN8 njengoba neNedbank Cup zizozama ukuyivikela zibhekene nayo.
Lo mdlalo wamanqamu uzoba seMbombela Stadium, eNelspruit ngomhla ka-1 kuNhlangulana.
Nokho kwiligi leli qembu lase-Orlando liphansi naphezulu lilwela ukuphelela endaweni yesibili ngemuva kweSundowns ukuze lidlale kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Kule mpi limiswe kabi yiStellenbosh FC nayo eyifunayo le ndawo yesibili ukuze idlale kwiChampions League okokuqala emlandweni wayo.
IPirates ivele isiqinisekisiwe ukudlala kwiCaf Confederation Cup noma ngabe iyanqoba noma iyahlulwa kowanqamu weNedbank Cup.
Lokhu kungenxa yokuthi iSundowns seyivele izodlala kwiChampions League ngoba ngompetha beligi.
OLUNYE UDABA: OweSafa usola ‘izimbungulu’ ngokubambezela Usuthu neChiefs
Ngaphezu kwalokho, kuzovulela neqembu eliqede endaweni yesine kwilogi ukuthi liyodlala kwiConfederation Cup.