OweSafa usola ‘izimbungulu’ ngokubambezela Usuthu neChiefs
UMazwi Mkhize, ongumengameli we-Safa esifundeni saseThekwini useveze akubona kubambezela amaqembu amakhulu akuleli.
Ubalule ukuthithibala ndawonye kwamaqembu okubalwa kuwo iKaizer Chiefs, AmaZulu FC, iChippa United, iGolden Arrows, neRoyal AM.
OkaKhabazela uthi lokhu kwenziwa wukuthi abaphathi balamaqembu bangungwe ngabantu abangazi lutho nabazifunela udumo nje.
“Bahlale belandela ngabantu abahlulekayo ukubabonisa ngeqiniso noma ngabe bayaphambuka… Abahlale njalo bethi, ‘konke kuhamba kahle mphathi’.
“Uma ubuka amaqembu afana noReal Madrid, Juventus, AC Milan, FC Barcelona, anomengameli abakhethwayo.”
UMazwi Mkhize uthi umphathi okhethiwe usebenza ngokuzikhandla aqinisekise impumelelo ngoba engafuni ihlazo lokuthi iqembu liwe ngesikhathi sakhe.
“Manje la kithi abanye babaphathi babuye bagxambukele emsebenzini wabaqeqeshi ngokubasethela isikimu.
“Kodwa uma iqembu selidliwe kukhalwa ngabaqeqeshi, kuthiwe abawenzi umsebenzi wabo kanti umqeqeshi ubenqindwe amandla.
“Bayaqeqesha behlezi phezulu (endaweni yezicukuthwane enkundleni), bekhiphe umyalelo wokuthi makuphume bani kungene bani.
“Abanye abaqeqeshi bahlezi emakhaya ngoba banqena ukulawulwa ngabaphathi abagxambukelayo.”
UMkhize ubekhuluma neLisenethini eceleni ngemuva kokwethulwa kwabaxhasi abasha be-Safa eThekwini.
Laba baxhasi ngabeRoy Moodley Legacy Cup ezoqala ngonyaka ozayo efake isizumbulu sika-R1-Million.
IRoy Moodley Legacy Cup isayine inkontileka yeminyaka emhlanu ngokusho kukaMazwi Mkhize.
URoy Moodley ephawula ngokuxhasa kwakhe le nhlangani, uthe baningi abantu abaxhasile emphakathini kodwa ubengaxhasile ebholeni.
OLUNYE UDABA: IPirates nomnyakazo wokugcina umdlali ofunwa phesheya
Uphinde wanxusa uMazwi Mkhize noZama Buthelezi ongunobhala we-Safa eThekwini ukuthi bathuthukise kakhulu abantu besifazane ebholeni.