DStv PremiershipEzintsha

Umiselwe ukuxabana nomdlali umqeqeshi kwelePSL

Kwasuka esinamathambo phakathi komqeqeshi nomdlali kubuka abanye abadlali nethimba labaqeqeshi egunjini lokushintshela leSekhukhune United ezinsukwini ezimbalwa ezidlule. 

ILisenethini seyicoshe kwimithombo yayo ukuthi umqeqeshi, uLehlohonolo Seema nomdlali wasesiswini baxabana kwashunqa uthuli.

Umbango wasuka ngokuthi uSeema usenokungamdlalisi lo mdlali (esiligodlile igama lakhe) kanti ngalelo langa wamfaka, kodwa washeshe wamkhipha. 

“Kwabe usezithintele ke kulo mdlali okungathi wayevele enesikhathi enentuthu ngaphakathi,” kusho lo mthombo.

“Kwathi uma eseyikhafula kwacishe kwavutha indlu yonke. Wamtshela kwezikabhoqo.” 

Indaba yabe seyifika kubaphathi nokuyalapho uSeema aveza khona ukuthi yena ngeke esakwazi ukusebenzisana nalo mdlali. 

Nokho uSeema ngathi izembe libe selidla kuhle njengoba ngoLwesibili kuvele izindaba zokuthi umisiwe kuleli qembu. 

Kuvele ukuthi umiswe ngoba igama lakhe lithinteka ethimbeni elihlanganiswa kwiKaizer Chiefs lesizini ezayo.

Kodwa lo mthombo uthi nalokho kungaba ngenye yezizathu, kodwa okukhulu ukuxabana nalo mdlali. 

“Nalokho cishe kwengezile kodwa yena ubevele esengcupheni ngoba umdlali ngathi uyathandwa kakhulu wusihlalo weqembu.”

USeema kunemibiko yokuthi ufunwa uManqoba Mngqithi ukuthi ayomlekelela kwiKaizer Chiefs ngesizini ezayo.