UMaduka ‘uVul’gate’ elingafanele kulokhu kwiRoyal AM
UJohn “uVul’igate” Maduka, ongumqeqeshi weRoyal AM ubuyiswe kuleli qembu ngoba wayehambe eyiqhawe.
Wayekade efake leli qembu kwiCaf Champions League ngesikhathi exoshwa kungazelele muntu eminyakeni emibili edlule.
Ubuyiswe ngasekupheleni kwesizini edlule ngoba izinto zingasahambi kahle, kodwa kuze kube manje kusabhimba kuleli qembu.
Kumanje iRoyal AM ilengela ezembeni njengoba ishiya iRichards Bay esendaweni ka-15 kwilogi ngamaphuzu amabili.
Sekusele imidlalo emibili iligi yeDStv Premiership isongwe kanti iRoyal AM isele nemidlalo engelula njengoba izobhekana namaqembu azama ukubaleka lona izembe.
Nokho uVul’igate akalilahlile ithemba lokuhlala kwiPremiership engazange ajike kweyokuhlunga.
Leli qembu licindezelwe kakhulu wukuthi alikwazi ukulanda abadlali ngenxa yesigwebo seFifa sokuthi ingabasayini abadlali.
Ekhuluma ngemuva kokubhukluzwa yiMamelodi Sundowns ngo 2-0 ngoLwesibili ebusuku, uMaduka uthe kumele alwe ngalokhu anakho.
“Siyibhekile imidlalo emibili elandelayo. Kumele sizame ngalokhu esinakho,” kusho lo mqeqeshi odabuka eMalawi.
“Besivele singeke sikwazi ukuqhudelana neSundowns. Sizamile ukubekezelela ingcindezi kodwa uyazi bayaqhubeka belokhu bekucindeza uze uhlakazeke.
“Akulula neze ukudlala nabo. Bayiqembu elihle neliyingozi uma liya phambili.”
Emidlalaweni emibili esele, iRoyal AM izoshukana neChippa United kule mpelasonto eHarry Gwala Stadium, bese ivala ekuhambeni neMoroka Swallows.
Womabili lamaqembu awakaphephi ngokuphelele ezembeni yize wona esezindaweni ezingcono.
OLUNYE UDABA: Unozinti welePSL uyazifela ngeChiefs, ubefisa ukuya kuyo
Nokho wona adinga nje iphuzu elilodwa kule midlalo esele ukuze aphephe, okungawenza ayiqumbe phansi iRoyal AM bese izithola isenkingeni.