Bafana BafanaEzintsha

Kubuyele uBvuma, kwangena uMofokeng kwiBafana, uMabasa?

Unozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma ubuyelile kwiBafana Bafana ngesikhathi umqeqeshi uHugo Broos ememezela iqembu azoqoka kulo azodlala ngalo ngoNhlangulana.

IBafana inemidlalo emibili emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ngoNhlangulana.

Izovula ekuhambeni neNigeria bese ibuyela ekhaya izobhekana neZimbabwe. 

UBroos umemezele iqoqo labadlali abangu-36 okuyibona azobe esekhipha kubo abangu-23 azodlala ngabo kule midlalo ezayo. 

UBruce Bvuma unakeka ngoba kuvele kuyaziwa ukuthi uBroos uyamthanda ubexakwa wukuthi ubengasadlali kwiChiefs. 

Omunye umdlali othathe amehlo nguRelebohile Mofokeng oneminyaka engu-19 we-Orlando Pirates.

Lo mfanayana ube nesizini enhle kwiPirates kanti bekuvele kubhekwe ukuthi angene eqenjini leBafana le-Africa Cup of Nations ngoMasingana. 

Nokho uBroos ngaleso sikhathi wakhala ngokuthi usemncane kakhulu, udinga ukumfaka kahle eqenjini ingekho ingcindezi enkulu. 

Yize libukeka libhalanse kahle iqembu likaBroos, okumangazile wukusala komgadli ohamba phambili ngamagoli kwiDStv Premiership.

UTshegofatso Mabasa we-Orlando Pirates akabonwa nangokhalo kuleli qembu kanti kukhona uzakwabo u–Evidence Makgopa.

UMabasa nguye odlala njalo kwiPirates futhi usefomini enhle yamagoli kulezi zinsuku.

Kodwa ke vele uBroos useyamazi uMakgopa futhi umsebenzele kahle kwi-Afcon. 

Ngokusho kweSafa, iqembu labadlali abangu-23 lizomenyezelwa ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.