Ezintsha

IPirates nomnyakazo wokugcina umdlali ofunwa phesheya

Ingase ilahlekelwe omunye wabadlali bayo mahhala i-Orlando Pirates uma engagcia engayisayinanga inkontileka entsha. 

Sekuvele ukuthi i-Orlando Pirates imatasa kumanje izama ukuncenga u-Olisa Ndah ukuthi ahlale kuleli qembu ngokumnikeza inkontileka entsha. 

Kukholakala ukuthi anayo njengamanje iphela ngomhla ka-30 kuNhlangulana kanti usengasayina eyesethembiso kwenye indawo. 

Kodwa ngokubika kweSoccer Laduuma izingxoxo sesiyela emaphethelweni futhi inkontileka entsha ingasayinwa noma nini. 

“Uyazi inkontileka yakhe (uNdah) yokuqala iyaphela ngoNhlangulana nonyaka,” kucashunwe umthombo usho kanje. 

“Ujoyine iqembu (iPirates) ngo-2021 esayina inkontileka yeminyaka emithathu kodwa manje iqembu selifuna ukumgcina. 

“Kuliqiniso ukuthi ngesizini edlule bekungeyona isizini enhle kuyena kodwa ubuye ngamandla kule sizini. 

“Wonke umuntu ekilabhini ujabule ngokusebenza kwakhe yingakho bemnikeza enye inkontileka yeminyaka emithathu, kuze kube uNhlangulana ka-2027. 

“Kusukela lapho izinto zikhona, singasho ukuthi kuhle osekwenziwe ngoba cishe asengu-90% (amathuba okuthi) kuqedwe yonke into maduze. 

“Njengoba edlala kule sizini naye ufuna ukuhlala nokwenza izinto zibe lula kuzo zonke izinhlangothi ezithintekayo,” kusho umthombo.

Esikhathini esingengakanani esidlule, iqembu elidlala kwi-Italian Serie A, iSassuolo kuthiwa liveze intshisekelo kulo mdlali wasemuva odabuka eNigeria. 

“Ukufudukela phesheya kwezilwandle akukaphumi ngokuphelele kuye njengoba kuke kwaba namaqembu abuza ngaye phambilini. 

“Uma lelo thuba liphinda livela, ikilabhu isikulungele ukumnika lelo thuba. 

“Bake bakwenza nabanye abadlali phambilini futhi ngeke iqembu limvimbe. 

“Kodwa uma kungekho lutho oluvela e-Europe noma eMiddle East, uzohlala amasizini amathathu ezayo,” kuphetha umthombo.