Unozinti welePSL uyazifela ngeChiefs, ubefisa ukuya kuyo
Sekuvele ukuthi ngaphambi kwe-Africa Cup of Nations, unozinti weChippa United, uStanley Nwabali uke waveza isifiso sokuya kwiKaizer Chiefs.
Lokhu kuvele engxoxweni yomqeqeshi wonozinti kwiChippa, uSean Louw nabeSABC Sport kuleli viki.
UNwabali ube nomqhudelwano omuhle e-Ivory Coast esiza iSuper Eagles ihambe ize iyofika kowamanqamu la yagotshwa khona yiqembu lasekhaya.
Ngemuva kwalo mqhudelwani uNwabali uphenduke inyama emaqenjini ehlukene phesheya futhi akusabonakali engafudukela kwelakuleli.
Nokho uLouw udalule ukuthi ngaphambi kwe-Afcon, into uNwabali abekhuluma ngayo wukuya kwiChiefs.
”Njengoba ngike ngasho kuwena, phakathi kwami nawe iphupho lakhe kuskela emncane bekuwudlalela iKaizer Chiefs,” kusho uLouw.
“Kodwa ke nami iphupho lami ngiseyingane kwakuwukudlalela iKaizer Chiefs, ngakho angimsoli.
“Ekuqaleni kwale sizini ubefuna ukudlalela iKaizer Chiefs, kodwa ngithe kuye ngaphambi kokuthi ukhulume neKaizer Chiefs, qale uye kwi-Afcon…
“Ngoba uzonqoba i-Afcon futhi uzobe usubaluleke kakhulu ukudlula uma udlalela iKaizer Chiefs. Lokho ngikusho ngenhlonipho.”
Ngemuva kwempumelelo yakhe kwi-Afcon, uNwabali, oneminyaka engu-27 ube nezesheli eziqhamukayo.
Esinye sazo yiqembu elingomacaphuna kusale elidlala kwiSaudi Arabian Pro League, i-Al-Ettifaq FC, eqeqeshwa uSteven Gerrard wodumo lweLiverpool.
ULouw, oseke wasebenza kwiBloemfontein Celtic Ladies, Banyana Banyana, ne-All Stars (NFD) njengomqeqeshi wonozinti, uthi ukuya kuleli qembu kungaba yinto ephusile angayenza lo nozinti.
Futhi ke kubukeka amaqembu akuleli engeke esamkhona uNwabali njengoba kulindeleke iChippa ifuna imali eshisiwe ngaye.
OLUNYE UDABA: IPolokwane ichitha ‘eyokuthuka’ iChiefs
Phela usihlalo weChippa, uSiviwe “Chippa” Mpengesi, uke washo phambilini ukuthi ngeke ame endleleni kaNwabali uma kuvela abafika nemali enhle.