DStv PremiershipEzintsha

UMaduka unecebo lokumisa iSundowns, lingasebenza?

IMamelodi Sundowns ifana nesitimela esesihlula umshayeli, esesishosholoza umlibe emidlalweni yeDStv Premiership. 

Sekuzwelwa nje iqembu elisesiteshini esilandelayo la leli qembu lizodlula khona ukuthi engabe lizolimala kangakanani. 

Isiteshi esilandelayo kulokhu siseHarry Gwala Stadium, ikhaya leRoyal AM ecijwa uJohn Maduka. 

Leli qembu lizophinde lizame ukumisa lesi sitimela ngoLwesibili ebusuku kulandela ukuhluleka ekugcineni ngempelasonto. 

Lamaqembu adlale ngoMgqibelo ebusuku ePitoli, kanti iMamelodi Sundowns inqobe ekugcineni.

Mhlawumbe yilokhu okunika uMaduka ithemba lokuthi kulokhu bengakwazi ukuyincenga iSundowns, mhlawumbe baphume nephuzu. 

Uma bengawathola womathathu amaphuzu kungabe baqophe umlando njengoba iSundowns ingakehlulwa nje kule sizini.

“IMamelodi Sundowns iyiqembu elizethembayo futhi umqeqeshi uRulani Mokwena nethimba lakhe benze umsebenzi omuhle kakhulu. 

“Abadlaleli ukungehlulwa, bafuna ukunqoba kuyo yonke imidlalo,” kusho uMaduka kwiPhakaaathi.

“Kubukeka sengathi yiyona ndlela yabo yokudlala leyo futhi ukuze ubavimbe kufanele ungatatazeli, yiyona ndlela leyo ongakwazi ukubavimba ngayo.

“Ungabavumela ukuthi baphathe ibhola ezindaweni ezithile kodwa awubavumeli ukuthi bangene engxenyeni yakho ngoba uma benza lokho, bazodala izinkinga eziningi.

“Uma ibhola selikuwe, kumele ulisebenzise ngoba uma ungalisebenzisi kahle bazokucindezela ngokushesha.”

Ukuyibamba kuze kube sekugcineni ngempelasonto kwenza uMaduka abe nethemba lokwenza kangcono ekhaya.  

“Besingasele kude kakhulu ekutheni sithole iphuzu emdlalweni wokugcina futhi singakhela phezu kwalapho sigcine khona ngaphambi kokuthi singenelwe yigoli.

“Kufanele uvale kahle emuva futhi awukwazi ukumane uthi uzofuqeleka uyihlasele iSundowns ngoba uzovuleka emuva. 

“Badlala ngaso sonke isikhathi somdlalo futhi bayakwazi ukudlala ngokukuhlasela sakuzuma nangokuthi bahlanganise iminyakazo ngesineke. 

“Yebo amacebo okudlala kumele abe khona, kodwa nokuqaphela ngokomqondo kufanele kube sezingeni eliphezulu futhi yiyona kuphela leyo indlela ongabavimba ngayo.”