IPolokwane ichitha ‘eyokuthuka’ iChiefs
Seyiziqhelelanisile iPolokwane City nokushiwo enkundleni yezokuxhumana iTwitter, noma i-X, kuthunazwa ngakho iKaizer Chiefs.
Kune-akhawunti yakule nkundla yezokuxhumana esebenzisa igama laleli qembu elokhu igcona amaqembu ehlukene.
IPolokwane izobheka neKaizer Chiefs eFNB Stadium emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.
Le akhawunti ibe seyifaka umbhalo odelela iChiefs, iyibiza ngezinkomo.
“Ngethemba ukuthi (kufakwe isithombe senkomo) bazicija ngokwanele ngoba koqhuma nhlamvana uma sesihlangana,” kubhalwe kanje.
Kusuke esinamathambo ke abanye besola leli ‘qembu’ ngobu-amisha, bethi noma kudlalwa kodwa akwenziwa kanje.
Abanye bathe ibatshela kwezikabhoqo ngoba vele iChiefs seyifuye izinkomo ezingayisizi ngalutho.
Kodwa iPolokwane ibe seyikhipha isitatimende iziqhelelanisa nale akhawunti, ithi iyi-‘fake’ noma ishalambombo ngolwebele.
Lamaqembu asembangweni oshubile wokuqeda kwayisishiyagalombili aphezulu kwilogi yeDStv Premiership.
OLUNYE UDABA: ULekgwathi ubheja ngo-Olisa Ndah koweNedbank Cup
Njengamanje isibalo samagoli kuphela esihlukanise lamaqembu njengoba womabili enamaphuzu angu-35 ngemuva kwemidlalo engu-28.