EzintshaNedbank Cup

ULekgwathi ubheja ngo-Olisa Ndah koweNedbank Cup

ULucky Lekgwathi, owayengukaputeni we-Orlando Pirates ukholwa wukuthi u-Olisa Ndah nguyena ingidi engavala amasango uma sebebhekene neMamelodi Sundowns. 

Lamaqembu azokhiphana inkani ebanga indebe yeNedbank Cup ngomhla ka-1 kuNhlangulana eMbombela Stadium. 

IPirates ivele ke inakho ukuyixaka iSundowns emidlalweni yendebe kodwa uLekgwathi ubona amathuba okuyixhimfa iSundowns engaba ngcono uma kudlala u-Olisa Ndah.

“Yingakho ngibona umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro kumele amdlalise umdlalo owodwa ngaphambi kowamanqamu.

“Lokhu kuzokwenza ukuthi kufike owamanqamu esesimweni esifanele,” kusho uLekgwathi.

U-Olisa Ndah usanda kubuya ekulimaleni kanti ungene umdlalo usuphakathi bebhekene neRichards Bay ngempelasonto.

IPirates yiyona engompetha abavikela le ndebe kanti isendleleni yokuqopha umlando ngokubuyisa zombili izindebe ezinqobe ngesizini edlule.

Isivele iyivikelile iMTN8 njengoba seyikowamanqamu nje kwiNedbank Cup. 

ISundowns izobe ibheke ukubuyisa izinduku njengoba yakhala ngaphansi kowamanqamu kwiMTN8. 

Yahlulwa ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi kulandela ukuthi umdlalo uphele ngo 0-0. Lo mdlalo wawuseMoses Mabhida Stadium. 

Isasasa lalo mdlalo ozayo oseMbombela likhulu ngendlela yokuthi amathikithi adayise aphela emahoreni ambalwa.