Ezintsha

UKhanye ushaya amakhala ngoBruce Bvuma ‘ongathuthuki’

UJunior Khanye, owake wadlala kwiKaizer Chiefs kodwa washeshe waphelelwa ushayini ngenxa yokungaziphathi kahle, akayiboni indawo kaBruce Bvuma kuleli qembu.

Le nsizwa esingumhlaziyi ozimele, nesidume ngokuveza imibono yayo noma ngabe ilumela kanjani, ithi uBvuma akekho ezingeni leChiefs.

UBruce Bvuma uphuma enkulisa yeChiefs kanti kwakubhekwe ukuthi kube nguye ovala isikhala uma sekukhathala u-Itumeleng Khune.

Njengamanje uKhune usekhathele futhi kungenzeka lena bekuyisizini yakhe yokugcina. 

Kodwa uBruce Bvuma namanje akathenjwa kahle ngabalandeli ngendlela avimba ngayo, kanti noKhanye useveze ukuthi akamuzwa kahle. 

“UBruce Bvuma usedlala isikhathi eside kwiKaizer Chiefs kodwa akathuthuki ukuthi abe ngcono,” usho kanje kwabeiDiski TV la engumhlaziyi khona. 

“Usebizelwe naseqenjini lesizwe izikhawu eziningi phambilini kodwa abukho ubungcono obubonakala kuye.”

UBvuma ubesezintini iChiefs ibambana naMaZulu ngo 1-1 emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngeSonto.

Udliwe yibhola elikhalise abaningi indlela avele walibuka ngayo uVictor Letsoalo elingqofa phambi kwakhe. 

“Amazulu ashaye igoli obekucacile ukuthi umdlali wawo ubesesendaweni engamfanele kodwa uBruce Bvuma bekumele enze kangcono. 

“Ibhola ligotshwe lalethwa ebhokisini lakhe eduze naye kodwa akaphumanga ukuthi ayolixhimfa alikhiphe. 

“UBvuma akekho ezingeni elifanele umdlali weKaizer Chiefs,” kwengeza uKhanye. 

Lo nozinti, oneminyaka engu-28 manje, nguye ozovimba kule midlalo emibili esele njengoba uBrandon Petersen esasesigwebeni sekhadi elibomvu.

Kungenzeka ke nokho kunikwe uKhune ithuba lokuvalelisa kubalandeli kule midlalo emibili esele.

Uma kungaya ngamagama kaKhanye, kungasho ukuthi iChiefs kumele ifune onozinti ababili abasezingeni ekupheleni kwesizini. 

Livele leli qembu laseNaturena kuvela ukuthi lisemkhankasweni wokuthola unozinti ozovala isikhala sikaKhune. 

Imataniswa noSalim Magoola weRichards Bay, kanti negama likaStanely Nwabali weChippa United selike lavela.