DStv PremiershipEzintsha

UJohnson uveza umuzwa wakhe ngokubuya kukaKhune

Ikhadi elibomvu elitholwe uBrandon Petersen ngesonto elidlule livulele u-Itumeleng Khune ithuba lokubuyela eqenjini.

Lo nozinti ubesecishe walibaleka njengoba ebengasabonakali ngisho ebhentshini kusukela abuya ekumisweni kwakhe ngoJanuwari.

UKhune wamiswa isikhathi eside kwiChiefs kulandela ukufika ejimini enuka phu utshwala.

Nokho ubuyiseliwe eqenjini ngemuva kwekhefu likaKhisimuzi, kanti kusukela lapho ubengekho eqenjini eliya emidlalweni. 

Nokho ngeSonto ubekhona ngesikhathi iChiefs ibambana ngo 1-1 naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium. 

“Egunjini lokushintshela, ubehlezi enomuzwa wethemba. U-Itu uhlezi eletha ithemba eqenjini,” kusho uJohnson ngemuva komdlalo. 

“Nokuthi usebe lapha iminyaka engasmashumi amabili yino ebaluleke kakhulu futhi uyakwazi okubhekwe kuye. 

“Usebuyile ebhentshini manje ngoba uBrandon wathola ikhadi elibomvu, bekungacaci ngaphambi kwalokho ukuthi uzobuyela (eqenjini). 

“Onkulunkulu bebhola bamnike elinye ithuba lokubuya eze ebhentshini kule midlalo emibili esele njengoba uBrandon engekho.

“Kumele bakulwele ukuthi ubani ozoqala imidlalo nozohlala ebhentshini. Okwamanje uBruce ophambili,” kusho lo mqeqeshi. 

Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana nePolokwane City ebanga nayo indawo emaqenjini ayisishiyagalombili azoqeda phezulu kwilogi. 

Lo mdlalo uzoba ngoMgqibelo ntambama ekhaya leChiefs, iSNB Stadium, eGoli. 

Iqembu elizohlulwa kulo mdlalo selingavele likhohlwe yindaba yokudlala kwiMTN8 ngesizini ezayo.