Caf Champions LeagueEzintsha

UJerry veza imfihlo kaKhoza eyabanqobisa iChampions League

Owayengumgadli we-Orlando Pirates, uJerry Sikhosana useveze imfihlo enkulu ngeqembu elaqopha umlando ngo-1995, linqoba indebe yeCaf Champions league. 

IPirates yaba yiqembu lokuqala eNingizimu Afrika ukunqoba le ndebe kanti uSikhosana nguyena owashaya igoli eyanqoba ngako kwi-Asec Mimosas e-Ivory Coast. 

Manje uJerry Sikhosana usedalule imfihlo abesehlale nayo imicala ecela ku-30 yokuthi usihlalo weqembu waba nomthelela onjani kulokhu kunqoba. 

Uthi uKhoza wangena ezindlini zokushintshela engalindelwe, wafika wanqumela umqeqeshi iqembu okumele aqale ngalo umdlalo. 

“Washintsha isikimu se-Orlando Pirates esasizodlala ne-Asec Mimosas umdlalo wamanqamu ngo-1995,” kusho uSikhosana engxoxweni abe nayo neLisenethini.

“UKhoza wangena ezindlini zokushintshela abadlali watshela umqeqeshi uRonald Mkhandawire wathi, ‘uJerry Sikhosana uzoqala umdlalo namuhla’. 

“Wabe esesicela singabadlali ukuthi simnqobele lesi sicoco wathi, ‘ngisidinga ngaphezu kwayo yonke into’,” kuchaza uLegs of Thunder. 

Ngempela uSikhosana wathola ibhola elabe liqhamuka noMark Fish emuva owayexosha umhlola ekhaya. 

Lahlangana noJerry Sikhosana waqhatha abadlali basemuva be-Asec Mimosas ngamakhanda, wathatha ibhola wazungeza unozinti qede walibeka enethini.

Kwabe usezibeke njengeqhawe eliyihlale likhunjulwa nelisemabhukwini omlando waleli qembu. 

Ngemuva kwalokho waqhubeka nokugila izimanga, eshaya amagoli njalo uma bebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni womkhaya.