DStv PremiershipEzintsha

OwoSuthu uveza abekuxoxa nonompempe koweChiefs

UPablo Franco Martin ubonakale eba nengxoxo nonompempe ngemuva komdlalo la AmaZulu FC ebambane ngo 1-1 neKaizer Chiefs ngeSonto.

Kuyinto engajwayelekile ukuthi umqeqeshi ayoxhawula unompempe bese eba nengxoxo ethatha isikhathi.

Usechazile ke nokho ukuthi yini le engaka abeyidingida nonompempe ngoba bebengakhombisi ukuxabana noma ukungaboni ngaso linye. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo kwiSuperSport, uMartin ubuzwe ngale ngxoxo abe nayo nonompempe.

“Bengimbuza ngebhola elishayise esandleni ngasekupheleni komdlalo,” kuchaza uCijimpi.

“Ngokwethu bekubukeka kuyiphenathi ecacile. Ungichazelile ke ukuthi ngokwabo izingalo bezisendaweni efanele ngakho yibhola elizishayise kuye.

“Uthe nokuhamba kwakhe bekungokujwayelekile. Ngibe sengithi, ‘Uma uhamba kanje (ekhombisa ngokujegisa umzimba), kusho ukuthi yindlela ejwayelekile leyo?’ “Kodwa ke noma kunjalo, yizinto esevamile ukwenze lapha lezi.

“Okungenani ukwazile ukukhuluma, sachazelana saqeda sesihleka sonke,” kuqhuba lo mqeqeshi ngomoya ophansi.

Ube eseveza ukuthi yize nonompempe beebuye benze amaphutha acindezela uhlangothi oluthile, kodwa yinto yakhona ebholeni. 

“Kunamaphutha ebholeni futhi aqhamuka nhlangothi zonke – kusukela konompempe, abaqeqeshi nakubadlali. 

“Futhi uma nihloniphana noma kuwumdlalo othinta imizwa futhi sonke sinezinhliziyo… 

“Lokhu kuyingxenye yomdlalo futhi ekugcineni siyaxhawulana, sihleke.”