Ezintsha

ISuperSport necebo lokuhlwitha uZakhele Lepasa kwiBucs

UZakhele Lepasa ungomunye wabagadli abathembisayo bakuleli kodwa ngeshwa uzithola ekwi-Orlando Pirates enomgodla ononophele kule ndawo. 

Yize engeyena umgadli owashaya njalo amagoli, kodwa uwusizo eqenjini okufakazelwa wukuthi umqeqeshi weBafana uHugo Broos akamshiyi. 

Nokho muva nje uyaphoqeleka ukumshiya ngoba akasadlaliswa kwiPirates kusukela abuya kwi-Africa Cup of Nations. 

Manje sekuvela ukuthi iSuperSport United ifuna ukumhlenga, imlande kwiPirates ngoba yona iyamdinga futhi izomdlalisa.

Uvele ke uZakhele Lepasa uke wathi qu kuMatsatsantsa eboleksiwe ngasekupheleni kwesizini edlule wafike wenza ezibukwayo. 

Ngemuva kwalokho iPirates imbuyisile, wafike waqhubeka nefomu enhle njengoba ebewaqhulula amagoli ngasekuqaleni kwesizini.

Nokho uke waphazamiseka wukulimala, kwangena u-Evidence Makgopa endaweni yakhe kwiBucs. 

UMakgopa ufike waqhubeka lapho yize yena engadlile ngokuqhulula amagoli kodwa indlela adlala ngayo iyalivumela iqembu. 

Uyakwazi ukuvulela abadlali abafana noPatric Maswanganyi, Kabelo Dlamini noRelebohile Mofokeng izikhala zokuthi bakhahlelele ipali. 

Naye uphinde walimala, kwabe sekubuya uTshegofatso Mabasa ovele waqhulula amagoli sengathi uyabukisa futhi kumanje nguye ohamba phambili ngamagoli kwiDStv Premiership.

Ngokubika kweSoccer Laduuma, iSuperSport izoncenga iPirates uma sekudayiselwana uThalente Mbatha ukuthi ikhokhe ngokuyinika uZakhele Lepasa.

UMbatha ublekiswe yiSuperSport kwiPirates kanti ufike wagila izimanga edlela izethenjwa uMiguel Timm ijezi. 

Isivumelwano salamaqembu sithi uma iPirates ichazekile ngoMbatha izobe seyimthenga ngokugcwele ekupheleni kwesizini.

Indlela adlala ngayo, nadlaliswa njalo ngayo yenza kucace ukuthi nakanjani uzosayinwa ekupheleni kwesizini.