EzintshaMotsepe Foundation Championship

Icala selibeke elePSL engozini yezembe

Uma icala liyichitha, idlelwe amaphuzu amathathu, iMilford FC izozithola sesengozini embi yezembe kwiMotsepe Foundation Championship. 

Leli qembu kumanje lihlukaniswe wumehluko wamagoli nezembe kule sizini yalo yokuqala ezigabeni ezikhokhelayo. 

Liyalingana ngamaphuzu neNB La Masia njengoba womabili amaqembu enangu-31.

ILa Masia isendaweni ka-15 kanti iMilford ikweka-14 futhi sekusele umdlalo owodwa isongwe isizini. 

IPlatinum City Rovers yaseNorth West yona seyivele idliwe yizembe njengoba inamaphuzu angu-24 kuphela emsileni welogi yeChampionship. 

Kuvela ukuthi iMilford yakhipha abadlali ababili abaneminyaka engaphansi kuka-23, yafaka asebedlulile kule minyaka. 

Lokhu kuwukwephula umthetho wePremier Soccer League walesi sigaba, okunguRule 35.3. 

Lesi sigaba somthetho sithi, “amaqembu adlala kwiNational First Division kumele abe okungenani nabadlali abahlanu abangaphansi kweminyaka engama-23 eqenjini.

“Kufanele ukuthi kube nababili abasenkundleni ngaso sonke isikhathi uma iqembu lidlala.” 

IMilford yashaya le fambu ibhekene ne-Upington FC, eyayishaya ngo 3-0 ukuze iwole amaphuzu abalulekile.

Nokho i-Upington yafaka icala ngalokhu okulindelwe liqulwe yiPSL bese kuphuma isinqumo ngokuzokwenzeka. 

Nokho, ekhuluma nabeFARPost, uNkululeko Buthelezi, oyiphini lo mqeqeshi, uzichithile lezi zinsolo. 

“Ake ngikutshele iqiniso. Asikaze senze iphutha elinjalo thina,” kusho uButhelezi ngemuva komdlalo wabo neVenda FC ngempelasonto.

“Siyawulandela umthetho olawula indaba yabadlali abahlanu abaneminyaka engaphansi kuka-23… 

“Futhi siyazi ukuthi bangaki (abadlali) abangaphansi kuka-23 okufanele babe senkundleni. 

“Ngakho angiyazi ivelaphi leyo. Kodwa ngezwa nje amahemuhemu anjalo. Kodwa angazi lutho ngecala nanoma yini enjalo.”

Uma iphucwa amaphuzu amathathu, iMilford ingehlela endaweni yezembe (ka-15) kodwa isangakuvika lokho ngokunqoba umdlalo wokugcina. 

Izobhekana nePretoria Callies ekhaya emdlalweni wokugcina kanti kuyomele iminyele ukuthi neLa Masia inganqobi.

ILa Masia izobhekana neBlack Leopards nayo engakaphephi ngokugcwele ezembeni. 

Imidlalo yokugcina yalesi sigaba izodlalwa ngeSonto futhi yonke izoqqala ngo-3 ntambama.