Ezintsha

Ubuyile uFohloza, ukhonjwa kwelaseSoweto

URomain, uFohloza, Folz usebuyile kuleli kanto kuvela ukuthi unezingxoxo eziyimfihlo nelinye lamaqembu aseSoweto. 

ILisenethini ithole ngomthombo wayo osondelene nalo mqeqeshi ukuthi ukhona futhi kunabantu afuna ukuhlangana nabo.

Lo mqeqeshi odabuka eMorocco ubekuMaZulu FC ngesizini edlule, kodwa waxoshwa ngoba ephikwa yimiphumela. 

Nokho umengameli woSuthu, uSandile Zungu wayekholelwa kakhulu kulo mqeqeshi waze wamenza umcebisi wakhe. 

Ubemsiza ukwakha uhlaka abalubiza ngeVision 2032, oluhlose ukuvusa leli qembu laseThekwini kuthi kushaya lonyaka elobe lihlanganisa ngawo ikhulunyaka libe livutha bhe. 

“Ukhona kuleli, useThekwini futhi ngizwe kuthiwa kuneqembu axoxa nalo,” kusho lo mthombo ocele siwufihle.

UFohloza njengamanje usebenza ngaphansi kohlelo lweFifa lokusiza amazwe asathuthuka ngezinsiza zokukhulisa ibhola. 

“Yena uthi uze ngezindaba zeFifa kodwa sengizwile ngandlebenye ukuthi kuneqembu azoxoxisana nalo.

“Uzokhumbula ukuthi iKaizer Chiefs isemkhankasweni wokuthola ithimba elisha labaqeqeshi.

“UFohloza ungomunye wabaqeqeshi etshelwe ngabo ukuthi engaba wusizo uma imqasha azoba yiphini lomqeqeshi omusha.

“Futhi ke nangesikhathi AmaZulu exoxa noManqoba (Mngqithi) wawatshela ukuthi engafisa amfice uFolz ezoba yiphini lakhe. 

“Manje uManqoba usemataniswa neChiefs, nangu uFohloza usebuyile futhi uya emdlalweni weChiefs naMaZulu namuhla (ngeSonto)…

“Nawe usungazihlanganisela ke ngokwakho ukuthi ngabe lokho kusho ukuthini,” kusho lo mthombo. 

UMngqithi njengamanje ukwiMamelodi Sundowns kodwa uphelelwa yinkontileka ekupheleni kukaNhlangulana. 

Imenenja yakhe uMike Makaab, ithe bebengakatholi lutho oluvela kwiChiefs okumayelana nesifiso sokuthola lo mqeqeshi.

Kodwa ke izinto zenzeka ngokushesha ebholeni futhi ngeke kuthuse uma lo mqeqeshi esememfuka eNaturena ngoNtulikazi.