DStv PremiershipEzintsha

Okwenza uProfessor afune kukhale izembe kuCijimpi woSuthu

UMlungisi Professor Ngubane uthi kuzomele ahambe uPablo Franco Martin ongumqeqeshi waMaZulu FC uma ehluleke ukuwafana kwiTop 8. 

Le nkakha yebhola kuleli ibona ukuthi kuyobe uhlulekile uma kungenzekanga lokho.

Ngesikhathi efika kuleli qembu, uMartin, owaqanjwa elikaCijimpi, wabekelwa umbandela wokuqeda emaqenjini amane aphezulu kwiDStv Premiership.

“Komele ahambe impela ngoba lokho kobe kusho ukuthi umsebenzi aqashelwe wona umehlulile,” kusho uNgubane owaziwa ngokungalali endleleni. 

“Kunabaqeqeshi abaxhoshwa kuMaZulu FC bebe benze kahle abafana no-Ayanda Dlamini noBrendon Truter.

AmaZulu kumanje ahamba ayajeqeza ngemuva ngoba izembe lila ngemuva kwawo. 

IRichards Bay, esendaweni ka-15, isele ngamaphuzu amahlanu kuMaZulu.

Lo mqeqeshi odabuka eSpain futhi oke wasebenza kwiReal Madrid usekhombisa ukugoba umsila njengoba imiphumela imphika nje. 

Selokhu leli qembu labuya ngemuva kwekhefu leFifa lishaya udaka kanti belike labukeka selihlangene kahle maphakathi nesizini. 

Ziningi izinguquko ezilindelekile mangabe kuphela isizini eqenjini laMaZulu FC ngoba kunabadlali abaphelelwa yizinkontileka zabo.

Nokho uCijimpi usangawuvikela umsebenzi wakhe ngokuthi ashaye iKaizer Chiefs ngeSonto ntambama.

Lamaqembu azokhiphana inkani eMoses Mabhida Stadium emdlalweni weligi ozoqala ngo-5.30 ntambama.