Inhliziyo ayisekho kwiChiefs, ufuna ‘ukubuyela ekhaya’
Sekuvele ukuthi uselinde iKaizer Chiefs isho ukuthi yenza njani ngaye, kodwa usevele uphelelwe wuthandi lwaleli qembu umdlali odabuka KwaZulu-Natal.
ILisenethini ithole ngemithombo yayo esondelene naye lo mdlali ukuthi inhliziyo yakhe ayisekho kwiKaizer Chiefs.
UNjabulo Ngcobo, odlala emuva akabanga nesikhathi esihle kwiChiefs njengoba ebengalitholi kahle ijezi.
“Hhayi yena usengahlaliswa wukuthi leli qembu lisebenzise umbandela okwinkontileka, imhlalise ngawo,” kusho lo mthombo.
“Kodwa ngale kwalokho, yena akasathandi ukuqhubeka laphaya ngenxa yempatho ayitholile angayithandanga.”
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgcobo wake waxabana no-Arthur Zwane esengumqeqeshi, enqaba ukumxhawula kade emkhiphile emdlalweni.
Lokhu kwakulandela ukuthi enze iphutha elibi elaqhatha iChiefs nenduku kdowa yabuye yadlula leyo.
Kodwa kusukela lapho ijezi uluthola amacozucozu okuyinto embambezelile nakwiBafana Bafana.
Ngaphambi kokujoyina iChiefs, uNgcobo wayeseqalile ukuvela kwiBafana futhi wayekade enqobe indondo yokuba umdlali wasemuva ovelele esadlala kwiMoroka Swallows.
“Ngiyanihlebela nje nani lokhu ngoba abaphathi bakhe neChiefs basazohlangana ngesonto elizayo bahlahle indlela eya phambili.
“Kodwa yena akasekho lapho futhi koyisiza nje iChiefs ukuthi ivele imdedele ahambe,” kuqhuba umthombo.
“Yena inhliziyo yakhe seyisekhaya kuMaZulu futhi ufuna ukubuyela khona ngesizini ezayo.”
OLUNYE UDABA: Ubuyile uFohloza, ukhonjwa kwelaseSoweto
UNgcobo wake walunguza kuMaZulu kudala kodwa akazange adlale okutheni ngaphambi kokushiya aye kuThongathi FC.