DStv PremiershipEzintsha

Uyikhomba kubaqaphi owePSL obanjwe nemoto eyebiwe

Uzivikela ngokuthi imoto abanjwe ehamba ngayo okutholakale ukuthi yebowe akuyona eyakho usihlalo weqembu lePSL laKwaZulu-Natal.

Lo sihlalo uvunjwe amaphoyisa abesola lemoto abehamba ngayo ukuthi inogcobho ngoLwesihlanu ebusuku.

Uzovela enkantolo ngoMsombuluko usihlalo weqembu lePremier Soccer League oboshwe ngoLwesihlanu ngemuva kokutholwa ehamba ngemoto eyebiwe.

Lo sihlalo – esilogodlile igama lakhe aze avele enkantolo – oboshwe ngoLwesihlanu ebusuku ehamba nabaqaphi bakhe.

Lezi zindaba ziqinisekiswe amaphoyisa aseSikhaleni ngaseMpangeni ngoMgqibelo ekuseni.

“Amaphoyisa abezigadele emgwaqeni uMthombothi ngesikhathi ebona imoto ebisolisa iToyota Fortuner emhlophe ebingenalo ipleti lezinombolo.

“Abe eseyimisa. Ukusesha kokuqala kuveze ukuthi nebala le moto yayibikwe njengentshontshiwe eThekwini ngoMashi ka-2023.

“Bobane abasolwa baboshiwe futhi bazovela enkantolo ngoMsombuluko womhla ka-13 kuMeyi, 2024,” sifindeka kanje isitatimende samaphoyisa.

Esingakuveza okwamanje wukuthi lo sihlalo ngoweqembu lakwaZulu-Natal elidlala esigabeni sePSL.

ILisenethini seyithole ngemithombo yayo ukuthi lo sihlalo uthi yena uthole amachaphazelo kulento futhi akahkangene nayo.

“Uthi ukuya kwakhe esiteshini samaphoyisa bokuwugcina umthetho, nokukhombisa ukuthi yena uyayihlonipha ingalo yomthetho.

“Uthi imoto le akuyona eyakho, kodwa eyenkampani yonogada abamqaphayo njengoba engusomabhizinisi obuye abe nakwipolotiki,” kusho umthombo.

ILisenethini inayo inombolo yecala ngokunjalo namagama abo bonke abasolwa kodwa okwamanje sizowagodla.