Ezintsha

Iqiniso elikhipha uJose Riveiro enkingeni yesikimu kwiBucs

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi kumele abe neqiniso kubadlali abaseqenjini lakhe njengoba umncintiswano wokuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo ushubile nje. 

Ngemuva kokubona uZakhele Lepasa – oyiqale evutha isizini – enyamalala, u-Evidence Makgopa noTshegofatso Mabasa bebuya bedla isikhala sakhe, okufanayo sekuyenzeka nakubadlali basemuva. 

Ngasekupheleni kwesizini edlule, uSandile Mthethwa ube ngumdlali oqavile eqenjini. Kodwa kulokhu sekungene uThabiso Sesane ovale isikhala kade kulimele u-Olisa Ndah, wafike wenza kahle.

UNdah useluleme futhi usebuyile eqenjini ngakho uJose Riveiro kumele aqnume ukuthi uyambuyisela eqenjini noma uqhubeka noSesane.

“Abadlali bafuna ube ngumuntu weqiniso, yilokho engingakutshela khona,” kusho uJose Riveiro kwabezindaba kuleli sonto. 

“Ngakho uma sithola ithuba lokukhuluma nabadlali kufanele sibatshele iqiniso, kungenjalo ngabe siyazilimaza. 

“Siyakhuluma uma kunesidingo. Odabeni lukaThabiso (Sesane), ubengadlali ngoba nakhu kukhona olimele. 

“Empeleni ubekhona uNkosinathi Sibisi ebhentshini emidlalweni emithathu yokugcina… 

“No-Innocent Maela ubengakwazi ukudlala kuleya ndawo, usevele ukwenze emidlalweni eminingi kule sizini.

“Ngakho-ke uma (uSesane) ezoqala umdlalo, (kusho ukuthi) wenza umsebenzi omuhle futhi kumfanele ukuba seqenjini eliqala umdlalo. 

“Ngaphandle kwalokho, kunomncintiswano omkhulu waleyo ndawo kwiPirates uma ucabanga amagama (abadlali) esinawo.”  

IPirates izobhekana neTS Galaxy neSuperSport United emidlalweni emibili yokugcina yeligi.

Uma isiqedile ngeligi, izobe seyiya emdlalweni cishe omkhulukazi kuyo kule sizini la izobhekana khona neMamelodi Sundowns kowamanqamu kwiNedbank Cup ngomhla ka-1 kuNhlangulana.