IDowns nezinhlelo zokugila izinkunzi zaseSoweto
IMamelodi Sundowns isimi ngomumo ukuphinda edume ngakho ngokuphuca iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates iqatha emlonyeni.
Kuvela ukuthi iSundowns seyibeke eceleni imali enhle ezofuna ngayo umdlali osevele usezinhlelweni zalezi zinkunzi zaseSoweto.
Ngokubika kweSoccerLaduma, iSundowns ilungiselela ukuyofaka isicelo kwiSekhukhune United ukuze idayiselwe u-Eilas Mokwana.
Lo mdlali wasesiswini ungomunye wabavelele kwiBabina Noko kule sizini, okumenze wabizelwa nakwiBafana Bafana.
IDowns manje seyigxume yahlala phambili emaqenjini afuna lo mdlali njengoba kuthiwa yona ayihohozi ngo-R35-Million okuthiwa ufuna iSekhukhune ngaye.
Ngokubika kweThe Citizen muva nje, uMokwana ukhule ekhonze iChiefs kodwa muva nje uveze ukuthi inhliziyo yakhe seyiwela kakhulu nakwiPirates.
ISundowns isinomlando wokusayinisa izihlabani, ishiye izimbangi zincela izithupha kule minyaka embalwa edlule njengoba ingagodoli nemali.
Uyakhumbula isizini ka-2011/12 ngesikhathi behlwitha oDino Ndlovu, Hlompho Kekana, Anthony Laffor noPunch Masenamela ngewindi elilodwa?
Basebenzise iqhinga elifanayo ngo-2012/13, basayinisa u-Edward Manqele, Aljie Schut noTebogo Langerman.
OLUNYE UDABA: Uyikhomba kubaqaphi owePSL obanjwe nemoto eyebiwe
Esibonelweni sakamuva, iDowns ihlwithe uThembinkosi Lorch kwiPirates ukuze iqinise kubagadli bayo, yahsiya kukhalwa e-Orlando Stadium.