Abadlali bakhona, kushoda uhlaka kwiChiefs – Shabba
– Alfred Ngubane
USimphiwe Tshabalala useveze ukuthi iKaizer Chiefs inabadlali abasezingeni eliphezulu futhi abangamelana neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.
Ukhuluma kanjena nje uShabba abalandeli banezikhalo ngokuthi leli qembu alisabathengi abadlali abasezingeni muva nje.
IKaizer Chiefs iphinde yaba nesizini engeyinhle yize kade ithenge abadlali abathembisayo ekuqaleni kwayo.
“IKaizer Chiefs ayinaso isakhiwo seqembu – yilokho okungekho,” kusho uTshabalala ongomunye wabadlali abazakhela igama kwiChiefs.
“Manje abadlali bayo bayadlala ibhola ngoba bayalithanda liphinde libaphilise nemindeni yabo abayondlayo kodwa iqembu alikho…
“Abekho abadlali abalambele ukudlala ngoba iqembu alikho ngisho ungabuza bani kubadlali abadala beKaizer Chiefs, bazokutshela,” kwengeza yena.
IKaizer Chiefs isephenduke umhlezehlekwa nje, futhi wonke amaqembu ayazidalela kuleli qembu elinomlando omuhle.
“Abadlali abaningi bakhombisa ukuphelelwa ngumdlandla enkundleni ngoba asikho isakhiwo seqembu abadlalela phezu kwaso.
“(Nala yenza khona kangcono) Sekubuye kusebenze igama nje ukuti iKaizer Chiefs le.
“Uma ngabe uzokhumbula abadlali beqembu lokugcina elanqoba izinkomishi ngaphansi komqeqeshi uStuart Baxter… Babenohlaka lokudlala.
“Babeyiqembu… Singabala u-Itumeleng Khune, uSiboniso Gaxa, uTshepo Masilela, u-Eric Matoho, e-Tefo Mashamaite…
“USiphiwe Tshabalala, uRenilwe Letsolonyane, uKnowledge Musona, uMandla Masango, uMorgan Gould, uGeorge Maluleke, uWillard Katsande…
“Laba badlali babeyiqembu elinamandla ngokwanele njengoba noBaxter wahamba uma lihlakazwa.
“Waphinda wabuya kodwa izinto zangamhambela kahle ngoba kube nzima ukulibumba kabusha.”
IChiefs isalelwe yimidlalo emithathu kule sizini bese iqala izihlela kabusha njengoba kulindelwe umqeqeshi omusha.
OLUNYE UDABA: Iqiniso elikhipha uJose Riveiro enkingeni yesikimu kwiBucs
Izobhekana naMaZulu FC ekuhambeni ngeSonto ntambama eMoses Mabhida Stadium ngo-5.30 ntambama.