Usihlalo wePSL uthi sekusele kwiSafa nge-VAR
Usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza useyikhombe kwiSafa indaba yokuqalwa kwe-VAR ebholeni lakuleli.
UKhoza uthi ngokwabo njengePSL, sebekulungele ukuthi lolu hlelo lokusiza onompempe luqale.
Nokwanda kwezikhalo ngonompempe zenza abaningi babone lolu hlelo lokubasiza lwevidiyo, i-VAR, lungaba yisixazululo.
Ekhuluma kuKhozi FM kuleli sonto, uKhoza uveze ukuthi i-VAR ibanjezelwe yiSafa eyacela isikhathi ukuzilungiselela.
“Sake sayihlola eminyakeni emibili edlule, iSafa yaba neqiniso, yathi icela isikhathi ukuzilungiselela.
“I-VAR idinga ithimba (lonompempe) elikhulu, sake safuna ukuyisebenzisa, sathola ukuthi onompempe ababili babesemsebenzini weFifa.”
Nokho amathemba okuthi sekuyalunga asekhona ngoba neSafa sekukhona umnyakazo ewenzayo.
Kuvela ukuthi lolu hlelo selusemome – sekusele izinyangana noma amaviki ambalwa kuqalwe emidlalweni yeDStv Premiership.
Lokhu kuvezwe usihlalo wekomidi lonompempe kwiSafa, uVictor Gomes kwabezindaba ngoLwesine.
Ubekhuluma nabo ngemuva kokuklonyeliswa ngendondo kumaCosafa Awards abeseSandton, eGoli.
Uthe ubeyingxenye yomhlangano wethimba lePSL neleSafa ngasekuqaleni kweviki la ethi kunamagxathu amqoka asethathiwe ngokuletha iVAR.
“Sibe nomhlangani muva nje, futhi ngiyazi ukuthi seyisendleleni manje,” ucashunwe esho kanje uGomes kwiSABC Sport.
“Manje sekusele sihlalele ukuqedela izingxoxo ngemali ezosetshenziswa, sesisondele ngaleyo ndlela.”
Nokho kunemibuzo ngokuthi elakuleli likulungele yini ukuqala kwalolu hlelo njengoba bebane kuphela onompempe abaluqeqeshelwe.
I-VAR iyikusasa lebhola. Izosiza iPSL nawo wonke amanye amaligi emhlabeni jikelele, isifikile futhi ayisayi ndawo.
“Umbuzo omuhle lowo – cha asiyilungele (njengamanje). Kodwa yingxenye yohlelo, sesikulungele ukuqala ukuluqeqeshela.
“Esingafuni ukukwenza wukutatazela bese senza ngendlela engafanele. Sifuna ukuyiletha bese siyisebenzise ngendlela efanele.
OLUNYE UDABA: UMokwena uphawula ngokulaxaza uPitso beya kwi-Al Ahly
“Lokho sikwenzela ukuthi wonke umuntu ayithembe uma sesiyiqalile,” kusho le nsizwa eyayingunompempe ongananazi.