Ezintsha

UPitso uphumile ezembeni, kodwa umsebenzi awukapheli

Kufanele ukuthi uke walala ubuthongo uPitso Mosimane ngoLwesihlanu ebusuku njengoba iqembu lakhe, i-Abha Club liphumile ezindaweni zezembe kwiSaudi Pro League.

Ukudlala ngokulingana neDamac esendaweni ka-10 ngoLwesihlanu ebusuku kusize ezikaMosimane zithi ukuthola ukuphefumula.

UPitso Mosimane nezakhe baye kulo mdlalo bazi ukuthi ukudlala ngokulingana noma ukunqoba kuzobakhipha ezindaweni zezembe. 

Lo mphumela uthathe i-Abha wayinyusela endaweni ka-15 ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-31. 

Nokho iqhele ngephuzu kuphela kwi-Al Akhoud esendaweni ka-16. 

Ilitholile ithuba lokunqoba kulo mdlalo wangoLwesihlanu obekuzoyenza iqhele ngamaphuzu amathathu ezembeni.

Ibekelwe iphenathi ngomzuzu ka-16 ngemuva kokuthi umdlali weDamak elithinte ngesandla esebhokisini.

Kodwa uGrzegorz Krychowiak uhlulekile ukudla inethi esebanjelwe, kwaba wukuphunyuka kwamaphuzu amathathu. 

Nasesiwombeni sesibili iwakhile amathuba okushaya amagoli kodwa yahluleka ukubeka ibhola enethini okwenze umdlalo uphele ngo 0-0. 

Emdlalweni olandelayo uMosimane komele azibambe ziqine njengoba ezobhekana neqembu elisendaweni yesithathu i-Al Ahly Saudi. 

Ngemuva kwalo mdlalo uzobe esesele nemidlalo emibili ezocacisa ukuthi uyakufeza yini akulandelwa – okuwukuvika izembe.