Ezintsha

UMokwena uphawula ngokulaxaza uPitso beya kwi-Al Ahly

Akazisoli uRulani Mokwena ngokujika endleleni kade esevumile ukuhamba noPitso Mosimane ngesikhathi eyoqala umsebenzi omusha kwi-Al Ahly. 

Izindaba zokuthi uMokwena wayezohamba noMosimane zivele ecaleni eliqhubekayo eliphakathi kweMamelodi Sundowns noMosimane. 

ISundowns ifuna uMosimane abuyise imali ebalelwa ku-R8.6-million yesibonelelo anikwa yona eqeda kuvuselela inkontileka ngo-2020. 

Ithi njengoba lo mqeqeshi engaqedanga ngisho izinyanga ezintathu esayine inkontileka entsha, washiya phansi waya kwi-Al Ahly, kumele abuyise le mali. 

Kodwa uMosimane yena umile kwelokuthi ukuhamba kwakhe kwabusiswa owayengumengameli weSundowns ngaleso sikhathi, uPatrice Motsepe. 

Uthi uMotsepe wathi ubudlelwano obubalulekile ngobomndeni wakhe nowakwaMosimane ngakho kulungile ahambe uma engaseneme.

Kwathi esahlela ukuthi uzishiya, kwavela lo msebenzi we-Al Ahly wabe esenxenxa uMokwena ukuthi bahambe bonke.

Ethula ubufakazi eNkantolo ePhakeme yaseNingizimu neGauteng, uMoira Thlagale oyimenenja nonkosikazi kaMosimane, uveze izinhlelo zabo ngaleso sikhathi.

Phakathi kwezinto azivezile wukuthi uMokwena babehamba naye, kodwa wathenjiswa umsebenzi wokuqeqesha yedwa kwiSundowns wabe esejika. 

Manje iFARPost ibika ukuthi uMokwena uveze ukuthi akazisoli neze ngesinqumo sakhe sokuhlala kwiSundowns.

“Ukukhuluma nje iqiniso, angikaze ngibe nethuba lokucabangisisa ngalokho,” ucashunwe esho kanje.

“Kodwa kunomuzwa wokuthi umuntu ulapho efanelwe ukuba khona ngoba vele yonke into yenzeka ngesizathu esithile. 

“Ngakho angiboni ukuthi sikhona isikhala sokukhalela okungenzekanga,” kuchaza uMokwena. 

Kumfanele ke nokho ukungazisoli ngoba kusukela esebenza yedwa ngokugcwele kwiSundowns, usephule inqwaba yamarekhodi. 

Kumanje usebheke ukuqopha elisha lokuqeda isizini engahlulwanga nakowodwa emidlalweni yeligi. 

“Yize ngingakaze ngicabange ngokuthi engabe lolo hambo lwaphelelaphi, ngicwele ukubonga ngokuba la ngikhona namuhla.”