UGyan uveza okwamenza afise ukudlala kwiChiefs
– Alfred Ngubane
U-Asamoah Gyan, owayengukaputeni weqembu lesizwe laseGhana eNdebeni yoMhlaba ngo-2010, usephumele obala ngesifiso sakhe esisodwa esingaphumelelanga.
UGyan, owashweba iphenathi eyayizofaka iGhana emdlalweni owandulela owamanqamu, ungomunye wabadlali abazakhela igama kulo mqhudelwano.
Kwakungokokuqala iNdebe yoMhlaba ibanjelwa e-Afrika futhi iGhana yayisisekwe yiwo wonke umuntu kuleli ibhekene ne-Uruguay.
Yayisibizwa ngeBaGhana BaGhana. Manje uGyan naye waluzwa lolo thando, wabona nesimo sakuleli wafisa ukuzodlala kwiDStv Premiership.
Uthi wayefuna ukuthathela umhlalaphansi kwiPremiership yakuleli ngoba kunezinkundla ezinhle kakhulu.
“Ngagcina sengithatha umhlalaphansi eqenjini langakithi eGhana, iLagon Citizen,” kusho uGyan.
“Iqembu engangifuna ukulidlalela eNingizimu Afrika yiKaizer Chiefs ngoba linabalandeli abaningi kakhulu.
“Ngangifuna ukuzwa lo muzwa wabalandeli beKaizer Chiefs ikakhulukazi kowomkhaya baseSoweto.”
Njengoba esawabeka ethala amakhokho, lo mgadli usengazidelisa ngokuzobuka lo mdlalo njengomlandeli waMakhosi.
Yena wayibeka induku ebandla njengoba engomunye wokaputeni beBlack Stars abayohlale bekhunjulwa.
OLUNYE UDABA: ‘Amanga,’ kusho imenenja yomdlali ‘ochithe’ iChiefs
Walandela ezinkakheni ezifana no-Abedi Pele Ayew, Stephen Appiah, Michael Essein noTony Yeboah.