Ezintsha

UFernandez usola ukungezwani kuKhune noJohnson kwiChiefs

– Alfred Ngubane

Owayengunozinti weKaizer Chiefs, uRowen Fernandes useveze ukukhathazeka kwakhe ngesimo sika-Itumeleng Khune kuleli qembu lakhe lakudala.

UFernandez usola ukuthi lukhulu olungahambi kahle njengoba uKhune engabonakali nangokhalo eqenjini.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi uKhune uke wamiswa yiChiefs ngemuva kokufika emsebenzini enuka amankwebevu

UKhune, okuyisizini yakhe ka-20 lena ekuMakhosi, wamiswa isikhathi eside waze wabuyiswa eqenjini ngoJanuwari. 

Ngaphambi kwesigameko sokuthi atholakale enuka utshwala, uKhune ubengakaze abe sephutheni kuleli qembu laseNaturena.

Futhi bekunezinkulumo zokuthi angase afakwe ethimbeni eliqeqeshayo uma kuphela le sizini. 

Kodwa manje akusacaci kahle njengoba kumanje isimo sakhe singaqondakali. 

Manje uFernandez uthi iChiefs bekumele ngabe iyavuleleka nngesimo salo nozinti othandwayo ngabalandeli ukuze kungabi nokudideka.

“Kuzomele iKaizer Chiefs ichaze ngokuthi kwenzakalani ngo-Itumeleng Khune nomqeqeshi uCavin Johnson…

“UKhune akadlaliswa nhlobo selokhu eqede isigwebo sakhe,” kusho uFernandes. 

“UKhune usadingeka emapalini eKaizer Chiefs njengoba enamava kakhulu. 

“Manje uma ngabe bengamdlalisi kusho ukuthi sebelinde inkontileka yakhe iphele ngoNhlangulana bese bemkhomba indlela.

“Kusho khona ukuthi abaphathi beKaizer Chiefs abasamdingi uKhune eqenjini labo,” kuphetha uFernandes. 

Kungenzeka ke nokho uKhune abonakale eqenjini kule mpelasonto njengoba uBrandon Petersen emisiwe.

UJohnson kuzomele akhethe ukuthi ucupha ngaye uKhune ebhentshini noma ubeka umfana osemncame uBontle Molefe.