Ezintsha

UBrian Baloyi ubhoboka ngokwambalekisa kwiChiefs

Owayengunozinti weKaizer Chiefs, uBrain Baloyi usephumele obala ngokwenza washiya kuleli qembu ngesikhathi esengumdlali futhi abalandeli besamthanda.

Okwaphoxa kakhulu ngokushiya kukaBaloyi kuMakhosi wukuthi wafudukela kwiMamelodi Sundowns eyizimbangi ezinkulu zeChiefs.

Enaba, uBaloyi uthi wahlala phansi nonina nomkakhe wabachazela ngayekusaba, esola ukuthi kuzokwenzeka kuye.

Uthe wabatshele ukuthi uma ngabe kuphela ngaye, iChiefs izomlaxaza naye njengoba yenza kubadlali ababephambili kunaye oTeenage Dladla noBanks Setlhodi ababelisebenzele kakhulu leli qembu besadlala. 

Wathatha isinqumo sakhe phezu kwesisekelo sayekubone ngabadlali abadala kunaye ayengakuthandanga neze. 

“Umndeni wami waba lusizi ngishiya iKaizer Chiefs ngijoyina iMamelodi Sundowns,” kukhumbula uBrian Baloyi. 

“Kodwa kwahamba isikhathi bajwayela, baphinda baqonda ukuthi kungani ngishiyile kwiKaizer Chiefs.”

UBrain Baloyi uphinde waveza ukuthi wabe engasaphathekile kahle kuleli qembu ngaphambi kokushiya kwakhe.

Wayekade eseyisebenzele ngokuzikhandla iChiefs, futhi esenqobe inqwaba yezindebe nayo. 

“Ngangisanakwa ngendlela okwakukade kwenzeka ngayo phambilini, ngase ngiwumuntu nje. 

“Ngaqala lapho ngabona ukuthi indaba yami neKaizer Chiefs isiphelile yize abaphathi babeyifihla, bengasho lutho.” 

UBaloyi wanqoba izindebe eziningi neChiefs. Waba ngomunye wonozinti abashiya umsizilo, elandela oSetlhodi, uGary Bailey, u-Eshele Botende noWilliam Shongwe. 

Ngemuva kukaBaloyi – owayetekesiswa ngelikaSpider Man kwiChiefs – kukhuphuke u-Itumeleng Khune wafike wasivala thaqa isikhala.

Nokho kumanje naye uKhune usemweni esifanayo nesashiyisa uBaloyi njengoba engasanakiwe, esebuye amiswe naseqenjini. 

Njengoba esagcina ethathe umhlalaphansi, uBrain Baloyi uthi uyiphisi kanti usenokuchitha isikhathi sakhe ehubha izinyamazane.