DStv PremiershipEzintsha

UMiddendorp ugonyuluka ngokuhlukumezeka kwelaseSoweto

U-Ernst Middendorp ungomunye wabaqeqeshi abanamava kwiPremier Soccer League (PSL) futhi asebesebenze emaqenjini amaningi ehlukene.

Emaqenjini angu-16 akwiDStv Premiership njengamanje, ayisikhombisa kuphela uMiddendorp angakaze asebenze kuwo. 

Lawo yi-Mamelodi Sundowns, Stellenbosch FC, Orlando Pirates, TS Galaxy, Cape Town City, Polokwane City neRoyal AM. 

Ekhuluma neLisenethini kuleli sonto, u-Ernst Middendorp ugonyuluke ngeqembu ahlukumezeka kakhulu kulo, wagcina esebaleka.

UMiddendorp wathusa abaningi ngesikhathi eshiya isigubhhukane kwiMoroka Swallows eyothatha umsebenzi wokucija ama-amesha eGermany. 

Ufanise lezi zinkunzi zaseSoweto neqembu lasebhuqwini elingenabo abaholi abaqinile nabayaziyo into abayenzayo. 

“Iqembu engaphatheka kabuhlungu kulo yiMoroka Swallows,” kusho lo mqeqeshi odabuka eGermany. 

“Abaphathi bayo kwakulikhuni satshe ukusebenza nabo njengoba imali yayingabonwa, abadlali bengaholi nabaphathi begxambukela emsebenzini wami.

“Kwakunzima njengoba yayingekho indlela yokusebenza nalabaya baphathi,” kwengeza yena. 

Akunzima ke ukumkholwa uMiddendorp ngoba noSteve Komphela ongene ngemuva kwakhe kwiSwallows uphume esehlehla.

Naye ubabaze ubuhlathi kubaphathi beDube Birds njengoba engatshelwanga nokuthi akasadingeki, wazifundela kwezakhe. 

Lo mqeqeshi osegcugce emaqenjini amaningi kwiPSL okukhona kuwo iKaizer Chiefs, iMaritzburg United, iFree State Stars, neGolden Arrows, ukukha nje phezulu.

Njengamanje ukwiCape Town Spurs asemzamweni obalulekile wokuzama ukuyivikisa izembe yize kubonakala sengathi sekuwukubambelela ngezidindi nje. 

U-Ernst Middendorp uyaziwa ngokuhlanza amaqiniso ngento angayizwa kahle ngoba akalali nayo enhlizweni yakhe. 

Kodwa uyayikhuluma noma ngabe ungaphansi kwesimo esinjani. Lo mqeqeshi wafika kuleli elethwa yiKaizer Chiefs eyayimlande esebenza eGhana.