DStv PremiershipEzintsha

‘Amanga,’ kusho imenenja yomdlali ‘ochithe’ iChiefs

– Alfred Ngubane

Imenenja yomdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uNjabulo Ngcobo isiwakhabe ngazo zombili amahlebezi okuthi lo mdlali uhudula izinyawo ukusayina inkontileka entsha. 

Kuvele imibiko kuleli viki ithi iChiefs iyafuna ukuvuselela inkontileka yalo mdlali oneminyaka engu-29.

Kodwa kuthiwa yena umanqika ukuvuma lokho ngoba usezimisele ukuyobheka kwenye indawo ukuthi ngeke yini athole ukudlala njalo. 

“Okwamanje kusenzima ukuthi iqembu lithathe isinqumo esingujuqu ngoNjabulo (Ngcobo),” kucashunwe umthombo usho kanje kwiSoccer Laduuma. 

“Bafuna ukumgcina uma kuphela inkontileka yakhe ekupheleni kwesizini kodwa ngesikhathi esifanayo umdlali ufuna ukuya lapho ezodlala khona njalo. 

“Uyazi ujoyine iChiefs esuka kwiMoroka Swallows abehlezi edlala kuyo waze wanqoba nomklomelo womdlali wasemuva ovelele… 

“Kodwa izinto zajika kakhulu kusukela ejoyine iChiefs futhi ufuna ukukushintsha lokhu ngokuthi adlulele kwelinye iqembu.” 

Ekhuluma neLisenethini, uSiboniso Ngubane, imenenja kaNgcobo, uthe akakwazi lokho yena.

Empeleni nje ushaye ngamafuphi ephendula umlayezo abethunyelelwe wona ebuzwa ngalokhu: ‘Amanga.”

Ube esebuye ethembisa ukuthi uzobuyela kwiLisenethini nolwazi olungcono ngesonto elizayo ngoba usazohlangana neqembu nomdlali ukunquma ngekusasa.