Ezintsha

Ungqingetshe ezingxoxweni zeDowns noTeboho Mokoena 

Sekuvele ukuthi kunokungaboni ngaso linye phakathi kweMamelodi Sundowns nomdlali wasesiswini uTeboho Mokoena mayelana nokwelulwa kwenkontileka yakhe.

Ngemuva kokudlala kahle kwiBafana Bafana ngesikhathi se-Africa Cup of Nations (Afcon), uMokoena ungomunye wabadlali abagqamile. 

Ngenxa yalokhu, sekuqubuke amahlebezi okuthi kunamaqembu ase-Europe, eNyakatho ye-Afrika naseGulf States amfunayo lo mdlali.

Kodwa, ngokubika kweSABC Sport, iSundowns ifuna ukumnika inkontileka entsha lo mdlali oneminyaka engu-27. 

UTeboho Mokoena ujoyine amaBrazilians ngoMasingana ka-2022 esuka kwiSuperSport United kanti usenenkontileka neqembu kuze kube uNhlangulana ka-2026.  

“I-SABC Sport iyaqonda ukuthi umqondisi wezemidlalo uFlemming Berg unikezwe igunya lokuqinisekisa ukuthi iDowns ayilahlekelwa ngabadlali bayo ababalulekile.

“Yingakho kube nesinqumo sokuvula izingxoxo zokwelula isikhathi sikaMokoena,” kusho lo mbiko.

“Ngokwemithombo eseChloorkop, lo msakazeli womphakathi uthole ukuthi lezi zingxoxo zifinyelele kwangqingetshe futhi akukho osekuphothuliwe khona yize lezi zingxoxo beziqale ngaphambi kwe-Afcon.”

NgeSonto elidlule iSundowns imemezele ukuthi unozinti, uRonwen Williams, yena useyelulile inkontileka yakhe futhi usezohlala kuze kube uNhlangulana ka-2028.

UBerg ukwazile ukunxena lo nozinti ukuthi ahlale, kodwa kubukeka sengathi ekaMokoena isazomthatha isikhashana esithe xaxa. 

Ibuzwa iSundowns ngalokhu, iphendule ngokuthi ayikwazi ukukhuluma esidlangalaleni ngezingxoxo zalolu hlobo.

“Njengomthetho, i-MSFC ayilokothi iphawule ngezingxoxo zenkontileka yabadlali futhi lokho ikuthatha njengodaba lwangaphakathi. 

“Nokho, i-MSFC ingakucacisa ukuthi uTeboho Mokoena usenamanye amasizini amabili (neqembu) ngemuva kwale sizini,” kuphendula iDowns.

UGlyn Binkin, imeneja yalo, naye ngene ezintangeni, akangafuna ukwanda kakhulu ngalezi zingxoxo. 

“Izingxoxo sezisesigabeni esibucayi kakhulu njengamanje futhi angifuni ukuziphazamisa ngokuphawula ngazo njengamanje.”