IPirates isimtholile umdlali ebumfunisa okwemali
Inkinga yokulinyalelwa abadlali basemuva kwesokudla sekwenze i-Orlando Pirates yabuyela emakethe iyofuna omunye umdlali ezoqinisa ngayo.
NgoDisemba iPirates ize yaphoqeleka ukusebenzisa umdlali wasesiswini, uFortune Makaringe kwesokudla emuva.
Lokhu bekulandela ukulimala kukaBandile Shandu noThabiso Monyane kanye kanye.
Ngaphambi kokudlalisa uMakaringe, bekuchitshiyelwa ngoPaseka Mako odlala emuva kwesokunxele.
Kodwa naye ulimalile njengoba namanje engakalulami nje. NoShandu akakabuyi eqenjini kanti uMonyane yena useyadlala.
NgoJanuwari iPirates ilande uThabiso Lebitso kwiChippa United futhi wafike wasivala thaqa lesi sikhala.
Kodwa naye ulimale kabana ehlombe bebhekene neRoyal AM muva nje, okwenze kwaphinde kwasala uMonyane yedwa kule ndawo.
Nokho iSportsWire ibika ukuthi iPirates seyiphindele emakethe yayofuna omunye umdlali ozoqinisa kule ndawo.
Iyamdinga ke njengoba kucaca ukuthi nangesizini ezayo iyabuyela emidlalweni yeCaf yize kungakacaci iya kumuphi.
Kubikwa ukuthi lo mdlali isimtholile iPirates kanti iphindele kwiSuperSport United la ivundulule khona oPatrick Maswanganyi noThalente Mbatha kule sizini.
Kulokhu ifike yaxebula uKeegan Johannes odlala kwesokudla emuva nosemncane ngokweminyaka.
OLUNYE UDABA: Kumele unconywe ‘umlimgo’ wePirates ekutholeni ithalente
UJohannes, oneminyaka engu-24, ungomunye wabadlali abathembisayo kwiSuperSport kanti kuthiwa ngesizini ezayo uzobe esekweZimnyama.