Ezintsha

Inkakha yeChiefs ithi ayikho indaba kuSithebe, akahambe 

Owayengumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uNtokozo Sikhakhane, akasiboni isidingo sokuthi leli qembu ligcine uSiyethemba Sithebe ophelelwa yinkontileka ngoJuni. 

USiyethemba Sithebe ujoyine iChiefs ngo-2022 esuka kuMaZulu FC, ukuthole kunzima ukuthola indawo yokudlala njalo. 

Nokulimala njalo kumenzele phansi, kwabambezela ukukhula kwakhe eqenjini njengoba namanje iKaizer Chiefs ingayithi vu eyokumvuselelela inkontileka. 

Emidlalweni embalwa edlule uSithebe ungomunye wabadlali umqeqeshi uCavin Johnson aqala ngabo imidlalo.

Naye udlala kahle futhi abanye babalandeli beChiefs sebeke bakuveza ukuthi leli qembu kumele lisheshe liyivuselele inkontileka engaze ebiqe elinye iqembu. 

Kodwa uSikhakhane – owayedlala indawo efanayo noSithebe kwiChiefs phakathi kuka-2005 no-2007 – akaboni kanjalo. 

Uphakamisa ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-31 mhlawumbe engaphinde avelele uma engabuyela eqenjini lakhe lakudala, AmaZulu. 

“Bangamkhulula, emidlalweni ayidlale kwiChiefs akukho okukhethekile akwenzile,” kusho uSikhakhane kwabeFARPost.

“Futhi ngisakholelwa ukuthi akayena umdlali wasesiswini osezingeni, ungumdlali nje ojwayelekile. 

“Kodwa ngenxa yokuthi iChiefs ivele isayinise noma yimuphi umdlali (naye usayiniwe).

“Uma uke wavelela kwiSantos, bayakulanda, uma ugqame kuMaZulu, bayakulanda.

“Ababheki ukuthi uzofanelana nesitayela sabo noma indlela abadlala ngayo.

“Ngakho-ke, uSithebe kule minyaka emibili akakenzi lutho, futhi akusekho angakwenza okwehlukile.

“Ubengakwenzi ngani sonke lesi sikhathi? Ngicabanga ukuthi angaphinde enze kahle kuMaZulu. Ngingamcebisa ukuthi abuyele emuva.”

Njengoba esedlale imidlalo engu-35 kwiChiefs, uSithebe usalindele isinqumo seqembu ngekusasa lakhe. 

Abanye abadlali okukhona kubo u-Edmilson Dove, Njabulo Ngcobo, Lehlogonolo Matlou, Sifiso Hlanti, no-Itumeleng Khune, nabo basesimeni esifanayo njengoba bephelelwa yizinkontileka eNaturena.